Kube nemibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho kuchazwa ukuthi kunabesilisa ababanjiwe ezweni elingomakhelwane abayamaniswa nokubulawa kwalowo owayengumculi wakuleli u- AKA kanye nomngani wakhe. Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal u Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthi ingamampunge…
ITHOLAKELE INGANE OBEKUBIKWE UKUTHI IDUKILE
UNoxolo Ntuli waseShowe nobegcwele ezinkundleni zokuxhumana kuleli kubikwa ukuthi waduka mhlaka 2 february 2024 eshowe ephuma esikoleni sekuvele ukuthi ukhona. kunenkulumo eqoshiwe evele namuhla ekuseni lapho kubonakala owesifazane ozibize ngo Mbongi ongumama…
UTHOLAKALE EMANZINI UMZIMBA WODUKE ENGOZINI EMTSHEZI
Ugcine utholakele umzimba walowo obedukile kulandela ingozi inyantisa igazi eyenzeke eMtshezingomgqibelo ebusuku. Lengozi yayiphakathi kwe truck Kanye netikisi, kwalimala abane kwathi oyedwa wangatholakala ngosuku lwesigameko nokwaholela ekutheni kubizwe ithimba labatakuli abagcine bekwazile…
UNGQONGQOSHE UNIKELE NGAMABHAYISIKI KUBANTWANA BESIKOLE ABAHAMBA AMABANGA AMADE
NgoLwesihlanu olwedlule, uNgqongqoshe wezokuThutha uSindisiwe Chikunga unikezele ngamabhayisikili amasha kubafundi abangaphezu kuka-400, iningi labo elivamise ukuhamba ibanga elide ukuze lifike ezikoleni. Lokhu kwenzeke enkundleni yezemidlalo eMvundlweni Sports Ground ngaseVulindlela eMgungundlovu, lapho inqwaba…
IMEYA YASE ALFRED DUMA ITHI IZOVULWA NGONGQONGQOSHE BENKATHA I-INDOOR SPORTS COMPLEX EMVA KOKHETHO.
UMengameli we Nkatha Freedom Party(IFP) uVelenkosini Hlabisa ube sohambeni losoku lonke kwisifunda uThukela, loluhambo luqale e Watersmeet ehholo lomphakathi eZimbuzini lwadlulela oKhahlamba ehholo lomphakathi eTabhane waluvala eMtshezi eWembezi. UMeya kamaspala i-Alfred Duma…
KULINDELEKE ABANTU ABANGAPHEZU KUKA 2000 EMCIMBINI WOKUVULWA KWESISHAYA MTHETHO SAKWAZULU NATALI
Kulindeleke ukuthi kufike abantu abangaphezu kuka-2 000 emcimbini wokuvulwa ngokusemthethweni kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal eMgungundlovu ngoLwesithathu kulo leli viki. Lomcimbi obihlelelwe ukuthi ube sebhilidini lesiShayamthetho kuChief Albert Luthuli Street, isithuthelwe e-Oval Cricket Stadium ngenxa…
UBIG FISH UBONGA UMDALI NGEMPILO EMVA KOKUDUNWA “NGAMAPHOYISA” EGOLI
Umakadebona womculi weGospel uSipho Makhabane ubonga ukuthi uyaphila ngemuva kokuthi oshayasibhamu bembambe inkunzi base bemduna imoto erobhothini enkabeni yeGoli. Odume ngelikaBig Fish, utshele UThukela News Times ukuthi uvele wathula ngesikhathi kuma imoto…
INJABULO ABAFUNDI BASE-DUT BEZUZA UMKLOMELO WOMHLABA NGOKUKHANDA IROBOT ELIKHULUMA ISIZULU
Abafundi baseDurban University of Technology (DUT) bathola ukuhlonishwa umhlaba wonke ngomsebenzi wabo wokusungula irobhothi elikhuluma isiZulu elibizwa ngo “King Shaka Zulu.” I-DUT Arm (E3)NGAGE Robotics Student Club ithole indawo ehlonishwayo kwabangu-30 abahamba…
UPAPPAS UTHI UZODEDELA UBUFAKAZI OBUQANDA IKHANDA OBUYAMANISA UNDUNANKULU WAKWAZULU NATAL NENKOHLAKALO
I-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal ngomlomo walowo oqokelwe esikhundleni sokuba nguNdunankulu uChris Pappas ithi inobufakazi obuqanda ikhaanda bokuthi uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube uyabandakanyeka ekusetshenzisweni kwemali yabakhokhi bentela ukuze yenze izidingo zeqembu elibusayo i-ANC. UPappas…
ICHIEFS INESIFISO SOKUSAYINISA ABADLALI ABABILI BEBAFANA BAFANA
Izindaba ezingakaqinisekiswa zithi iKaizer Chiefs inentshisekelo yokusayinisa abadlali ababili beBafana Bafana, nakuba oyedwa ebonakala kunzima ukumthola. Emuva kokudlala kahle kwalabadlali ku-Afcon esanda kubanjelwa eCôte d’Ivoire, iChiefs ibukeka isivuselele intshisekelo yokujaha inkakha yeBafana…
UMBALULA UHAMBELE INDAWO EYAYIDUME NGEZIMPI ZEZI NGODI KWAZULU-NATAL
Abengaphezu kwazikulungwane ezilishumi nanhlanu 15 000 amalunga nabathandi be African National Congress (ANC) eNkosi Bhambatha Region abahambele umbuthano weqembu obuse Msinga. Inkundla yezemidlalo i-Mzisho Sport Stadium ibigcwele abalandeli be ANC abaqhamuka ngaphansi…
KUMANGALE ABALANDELI NGESIHLOKO SE-ALBUM KATHINAH ZUNGU ENTSHA
Kusuke igidigidi ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi uFacebook ngesikhathi umculi wegospel odumile uThinah Zungu ededela isithombe se-Album lakhe elisha elizophuma maduze nje. Lensizwa eduma kakhulu kwezokuxhumana ngokuzichomela ngesitezi sayo somuzi kanokusho, ifake isithombe se-Album…