UMengameli we Nkatha Freedom Party(IFP) uVelenkosini Hlabisa ube sohambeni losoku lonke kwisifunda uThukela, loluhambo luqale e Watersmeet ehholo lomphakathi eZimbuzini lwadlulela oKhahlamba ehholo lomphakathi eTabhane waluvala eMtshezi eWembezi.
UMeya kamaspala i-Alfred Duma ukhansela Zama Sibisi wethule okwenziwe ilomaspala selokhu bangena ehhovisi likamaspala ngokubambisana ne DA kanjalo neABC kusuka ngo 2021.
USibisi utshele uHlabisa namalunga ebagcwele ihholo ukuthi umsebenzi wokwakhiwa kwenkundla kanzi yazemidlalo I-Indoor Sport Complex yobe isiphelile ngonyaka ozayo futhi iyovulwa ngogqongqoshe be IFP ngoba bayobe sebephethe isifundazwe.
Kubenenhlokomo lapho amalunga eIFP evumelana nokaMahlase njengoba ubeqhubeka ekhuluma ngezinhlelo zabo njengo maspala wase Alfred Duma.
Umengameli uHlabisa ngo2021 wafika oThukela lapho weyehambisana nosihlalo weqembu esifundeni uMnuz Mbuzeleni Mkhize.
Babehambela omaspala abangaphansi koThukela bekhankasela ohulumeni basemakhaya.
Namanje u Hlabisa ubehambele uThukela ukuzolukhumbuza ngosuku lokwethulwa kosomqulu wezothembiso zokhetho ozoba se Moses Mabhida ngomhlaka 10 March
“Ngomhlaka 9 Murch sonke siyobe sigcwele e Moses Mabhida siyolala khona senzele ukuthi umcimbi uqale kahle ngesikhathi futhi sifuna ukufika sichele wonke amanga abekhunywa ilaba ebebekhona bethula izethembiso kulezinsuku” kusho u Ngotsha
Uqinisikise abalandeli be IFP ukuthi uMnuz Thami Ntuli ngomhlaka 30 May uyena ozobe esengu ndunankulu waKwaZulu-Natal.
UMengameli we-IFP uhambele oThukela nje izakhamuzi zase Steadville zithukuthele zigane unwabu zithi zinezinsuku ezintathu zingenamanzi.
Zithi umakuze kushaya uMsombukuko amanzi engaphumi u Thukela liyokubona okwabanwa uSawuli eDamaseku.