USifiso Mkhwanazi ugwetshwe odilika jele abayisithupha yiNkantolo ePhakeme yaseGoli.
NgoMashi, lo mlisa oneminyaka engu-21, watholakala enecala lokubulala abesifazane abayisithupha abasolwa ngokuba yizisebenzi zocansi, phakathi kuka-Ephreli no-Okthoba ka-2022.
Izidumbu zalaba besifazane zatholakala ebhizinisini lokulungisa izimoto eJohannesburg ngo-Okthoba 2022.
Okhulumela iNPA yaseGauteng, uPhindi Mjonondwana, uthe: “USifiso Mkhwanazi ugwetshwe odilika jele abayisithupha kanye neminyaka engu-190, azozidondsa ngesikhathi esisodwa, okwenza izigwebo zakhe zibe impilo yonke ejele. Inkantolo imemezele ukuthi ungumsolwa oyingozi njengoba iNPA yaveza ubufakazi, futhi yayalela ukuthi angakhona ukucela ushwele uma esedonse iminyaka engamashumi amathathu.