Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

BABHALE IMIBHALO EBHINQAYO ABABENGABASAKAZI BOKHOZI KUSHIYA OBENGUMPHATHI SITESHI

Posted on 14 November 2024

Kubukeka engathi baningi abajabule ngokwesula kwalowo obengumphathi siteshi womsakazo omkhulukazi kuleli Ukhozi FM okuvele izindaba zokwesula kwakhe izolo ngoLwesithathu.

Izolo, abezindaba badedele izindaba zokwesula kukaSbongi Ngcobo kulomsakazo emva komhlangano obe khona obuhlanganisa izikhulu eziphezulu kwa-SABC. UNgcobo ubehlezi esezindabeni ngenxa yezinkulumo ebezihlale njalo zimlandela. Amanye amaziko ezindaba ake abhala phambilini ngokusoleka kwakhe ngokuba nobudlelwano obujulile nabanye babasakazi balomsakazo kanti futhi kube khona labo angabathandisisi kahle. Lokhu kuza nje emva kokuba umculi kamaskandi odumile enze ivideo kuFacebook ekhalaza ngokungadlalwa kwengoma yakhe kulomsakazo kanye nakubize ngetulo lokuthi ingoma yakhe ingangeni kwezilishumi eisethubeni lokunqamula unyaka kulomsakazo, nasola khona yena uNgcobo ngokumvalela ngaphandle.

Emva nje kokuvela kwalezi zindaba abanye abasakazi nabasebenzi abake basebenza naye kulomsakazo bangene ezinkundleni zokuxhumana babhala imibhalo ebhinqayo okusolisa ukuthi ibibhekiswe kuye uNgcobo. USthandwa Nzuza owabe engumsakazi waloMsakazo naye isikhathi eside owaphelelwa ngumsebenzi kuphethe yena uNgcobo ungene kuFacebook wabhala kanje,“Karma knows everyone’s address, End” okuchaza ukuthi, okubi okwenza kwabanye, kuyokwenzeka naluwe.

Kanti kungakapheli isikhathi esingakanani lowo osanda kusula njemphathi wezinhlelo kulomsakazo uNkosikazi Pearl Maseko-Bhinqose naye ubhale amazwi abhinqayo wathi,“Kushuthi sorry ke” wase efaka upopayi omoyizelayo. uzokhumbula ukuthi abe khona amahlebezi okuthi laba bobabili bebengaboni ngaso linye besasebenza kulomsakazo.

Akuphelelanga lapho kodwa, intokazi engumdidiyeli wezinhlelo esebenza emsakazweni iGagasi FM njengamanje nayo eyahamba emsakazweni uKhozi kuphethe yena uNgcobo u-Ayanda Melansi nayo igijime yaze yamfishane yayofaka isithombe sikaPhaya obhalwe ukuthi,“you must eat it” wase ebhala ukuthi,“Ukhona yini ongatolika lesi sithombe?”

Ungcobo yena ubengakasho lutho emva kokuvela kwalezi zindaba, futhi akwaziwa ukuthi njengamanje uzolibhekisaphi njengoba esula kulengadlangadla yesiteshi nje.

1 thought on “BABHALE IMIBHALO EBHINQAYO ABABENGABASAKAZI BOKHOZI KUSHIYA OBENGUMPHATHI SITESHI”

  1. Nkosikhona says:
    14 November 2024 at 7:38 am

    Bekuyoba ngcono ukuthi
    Udlelwa ngisho nemoto
    Phela kuyacaca ukuthi
    Ubengaba phethe kahle abasebenzo

Comments are closed.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme