Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Posted on 2 April 2025

Basale bedidekile abasebenzi bakaMaspala uKhahlamba emva komhlangano okuthiwa ububizwe izolo lapho betshelwe khona ukuthi kuzomiswa ukusebenza okwejwayelekile kuze kube uJuly ngenxa yokuthi loMaspala awunamali.

Laba basebenzi abakhulume naleliphepha bathi batshelwe emehlweni ukuthi zonke izinsiza kusebenza ezifana nezinkontileka zamaselula kanye nezindleko zokuhamba zizomiswa kusaqongelelwa imali. Kuthiwa futhi wonke imisebenzi kahulumeni ebiyenziwa emawadini izoma, okuzophazamisa kakhulu intuthuko ebheke kubantu.

Laba basebenzi bathi abazi noma amaholo abo azobakhona yini ukuphela kwalenyanga. Lento isibenze baba novalo ngekusasa.

Elinye lamakhansela akulomasapala likuqinisekisile ukushoda kwemali kuloMaspala lathi akukho ngisho amanzi okuphuza uma kunemihlangano yomkhlandlu,”sekudingeka ukuthi ukuntu aziphathele yena amanzi emihlanganweni ngoba umaspala akasasihlinzeki ngamanzi. Angisayiphathi ke eyokudla, asisakwazi,” kuchaza leli khansela ngokunengeka.

Ucingo lukaMeya wasoKhahlamba uKhansela Vikizitha Mlotshwa belulokhu luvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

3 thoughts on “BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO”

  1. Mbalenhle says:
    2 April 2025 at 9:34 am

    Ayikho vele into ezolunga okhahlamba even ama contract aphindwa Abantu ababodwa omngan Kabini bese kuthi labantu abasokolayo okumele engabe ibona abathola ama contract abawatholi if ingasukunyelwa lendaba sizoyeka kwakuvota ngikhulumela kakhulu u ward 1 winterton namaphethelo

  2. Nomfanelo Manqele says:
    2 April 2025 at 1:39 pm

    Ngithi uHulumaeni(SALGA)must put administrator to run this municipality to work

  3. zodwa hlatshwayo says:
    3 April 2025 at 12:10 am

    Kungancono umakungake kuyokwenziwa ucwaningo mayelana nokuqashwa kwabasebenzi namaqualificatins abo ,kanye nokukhishwa kwamatender nalabo abahlomulayo ngoba kuningi siyabuka asitjokozille.neze siwumphakathi …ikakhulu uma ungenalhlobo ngaphakathi sobze waqashwa kulomaspala kunjalo nje kunamaward angatholi lutho okuyintuthuko bese kube khona ahlomulayo ipolitiki idla lubanzi bonke ubuholi bakhona buhlobene kubi kubi ngempela

Comments are closed.

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme