Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Posted on 19 May 2025

Usashaqekile umphakathi wase-Goodhope, endaweni yase-Roosboom ngengane yentombazane elinganiselwa eminyakeni owodwa okubikwa ukuthi ilahleke izolo ebusuku.

Ngokusho komthombo osondelene nomama wengane okukholakala ukuthi iyiwele, izolo ngezuthuba zehora lesishiyagololunye kungene umuntu endlini umama wengane esaphumile wafika wathatha ingane wabaleka nayo. Kubikwa ukuthi amaphoyisa athintiwe khona izolo ebusuku, abe asethungatha umkhondo okuze kube imanje akukho okuphathekayo.

Ngokusho komthombo sibi isimo kumama wengane njengoba engazi ukuthi uzothatha ehlanganise nani ukuze athole ingane yakhe.

“Njengamanje umama wengane usangene ikhanda, akaze alale, ulokhu ebheka ingane esikhotheni ngethemba lokuthi uzoyithola,” kusho umthombo.

Amalunga omphakathi wendawo asola owesifazane ongaziwa okubikwa ukuthi ubenokuzungeza kulendawo emasontweni andlule. Lokhu kuvezwe amalungu omphakahti ababele ekhasini lika-Facebook wendawo. Umthombo uphinde waveza ukuthi usola ukhwenyana kalomama okubikwa ukuthi usedonse iminyaka emithathu ejele ngamacala ahlukene okubalwa elokuganga emphakathini.

“Angeke sazi noma lengane ithathwe abantu ngenhloso yokuziphindiselela kubaba wengane oboshiwe ngenxa yokugangela umphakathi,” kunaba umthombo

Leave a Reply Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme