Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UTHI UZOPHA OMAKA-ENZO IZIMPAHLA ZENGANE YAKHE EZIBUYISWE UMAWENGANE UNTENCANE

Posted on 11 November 2024

Umculi kamaskandi uthi usenqume ukuthi anikele ngazo kulabo abeswele izimpahla zokugqoka ayezithengele ingane yakhe emva kokuthi umama wengane yakhe enqume ukuthi azibuyise ngoba ethi ziyizinsalela zezinye izingane zakhe.

Untencane Zondi odabuka eGreytown ungene enkundleni yokuxhumana uFacebook wachaza kabanzi ngokwenzeka phakathi kwakhe nomunye umculi ababethandana naye abaze baba nomtwana naye owaziwa ngelika Miss Level. Sekuphele izinsuku ezimbalwa laba benqakisana ngamazwi ezinkundleni zokuxhumana kanjalo nangezingoma. Ngeviki eledlule uNtencane ukhiphe icwecwe elisha elinengoma esihloko sithi,”Dear mama womntanami” lapho kulengoma ekhala ngomama wengane ongafuni ukuvuma ukuthi uthando alusekho futhi akayeke ukulwa asebenzise ingane yabo. Ngeviki elilandelayo umiss Level ukhiphe eyakhe ingoma eyisingle esihloko sithi ,”Dear baba womtanami” ephendula lengoma kantencane.

Seside isikhathi uMiss level esola uNtencane ngokungayondli ingane yabo eneminyaka emine. Untencane uyaziphika zonke lezo zinsolo, uthi uyena uMiss Level owenza kube nzima ukuthi ondle ingane yakhe,”kukhona lapho engezwa khona ngabantu ukuthi uboleka izimali ngoba ingane ayinazo izinto ezidingayo, ngabe sengimthumelela imali ngase leso sikhathi. kwabe sekudlula izinsuku ezimbili wabuya wafona wathi angilethe i-akhawunti yasebhange ayibuyise leyo mali ngoba akafune mali evela kimi,” kuchaza untencane.

Lomculi uphinde waveza ukuthi wake wamthatha nengane waya nabo eThekwini nokuyilapho athengela khona ingane izimpahla ezingafinyelela kwinani lika R7000, wabe esemthengela naye umama wengane amateku adulayo,

“ngezwa sengifonelwa ekhaya kuthiwa uzibuyisile izimpahla ekhaya wathi angeke yena ingane yakhe igqoke izimpahla eziyizinsalela zezinye izingane. ngamangala ke mina ukuthi kanjani ngoba lezi zimpahla ngazithenga ngihamba naye. Yingakho ke ngithi uma kukhona umaka-Enzo odinga izimpahla njengoba kungukhisimuzi nje asho ngimuphe zona ngoba angazi ngizozenzani,” kuchaza lomculi

6 thoughts on “UTHI UZOPHA OMAKA-ENZO IZIMPAHLA ZENGANE YAKHE EZIBUYISWE UMAWENGANE UNTENCANE”

  1. Zanele Zwane says:
    12 November 2024 at 6:51 am

    Yimina, bakithi yimi nkosi yami

    1. Nomfundo Futures says:
      13 November 2024 at 2:33 am

      Yimina boo

      1. Londiw Majobe says:
        13 November 2024 at 12:16 pm

        Ngiyacela ngajabula mangase ngizithole egqoke untwana wami

  2. Zilindile Khanyile says:
    12 November 2024 at 9:22 pm

    Ngicela ungiphe zona uzogqoka u Nanah

  3. Sphe says:
    18 November 2024 at 9:31 pm

    Wena ntencabe awsamthatmnd vele lo sisi wawumumithise lani wawudlalelan ngane uth uyamthanda noma wawfunaa ikhekhe besuyamshiya namnj mina ngsaksola akulula bafeth ukuhlukana nomunt okuzalisile mina kumnj ngbona ngath ngeke ngishade ngoba lowangzalisa kwakmele ngishade naye ngyasaba ukushiya engane yam ekhaya khomuntu ongasala nayo leyandoda ngbona ngath ngekimthande ngenze njn babomtanam sokwenza njn ngale ngane ngoba fut nawe umfaz wakho ngeka ythande senze njj

  4. Noxolo says:
    19 November 2024 at 12:54 am

    Akaziphe mina bakit ingane yam izdinga kambi

Comments are closed.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme