Umangaze abaningi umfana oneminyaka engu-20 okhande imoto ehamba ngebhethri nangenjini yesithuthuthu. UZothani Mbhele wasendaweni yaseMatiwane uvakashele imeya kamaspala i-Alfred Duma Local Municipality Ukhansela Zama Sibisi eyoyikhombisa lemoto yakhe ayikhande yena esebenzisa izinto ezehlukahlukene ezitholakala emakhaya.
uZothani usebenzise izinto ezifana namasondo ebhara amadala, othayela, namagilasi amawindi asendlini ukukhanda lemoto yakhe eyisimanga. “Uma ngimbheka ngibona umuntu okumele ngabe usebenza emazweni aphesheya. indlela engibona enze ngayo lento eyisusa phansi, Noma singathandi ukwenza izethembiso kodwa njengomaspala siyazibophezela ukumsiza ekutheni afeze iphupho lakhe umfo kaMbhele.
Sengikhulumile nehhovisi lentsha ukuze limxhumanise neminyango efanele ezokwazi ukusizakala ngendlela athanda ukusizakala ngayo,” kuchaza iMeya. Unesifiso sokuba nenkampani ekhiqiza izimoto uZothani. Uthi zikhona izinkampani esezike zafika kuyena nezimthembisa umsebenzi khona la eMnambithi ikakhulukazi amagalaji alungisa izimoto.