Imindeni yabanye babavukuzi abangekho emthethweni inxusa uhulumeni ukuthi akhiphe abathandiweyo bayo ku-shaft 11 eStilfontein eNorth West. Lokhu bakusho ngesikhathi kunesithangami sabezindaba esihlelwe yizinhlangano zomphakathi nezabasebenzi. Eminye imindeni ithi abathandiweyo babo baswele ukudla, amanzi kanye nemithi. UNozipho Ntuli uthi amadodana akhe amabili angaphansi komhlaba.
“Amadodana ami amabili, eyodwa eneminyaka engu-25, enye eneminyaka engu-22, angaphansi komhlaba. Ngakho ngicela uhulumeni angisize ukuze baphume. Kwesinye isikhathi ngike ngizibuze ukuthi uma kukhona engikudlayo, kudliwani laphaya phansi? Uma befile kulungile. Ngizokwamukela noma yini. Akulona iphutha labo, ngoba baqeda isikole, kodwa abakwazi ukuthola imisebenzi. abakwazi ukuphanga abantu.”
Khonamanjalo, uNobhala Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions uZwelinzima Vavi uthi umi ebunyeni nemindeni.
“Phakathi kukaLwesibili nanamuhla akekho osesindisiwe, akekho oseke wathola ukudla, amanzi noma umuthi. Cishe abantu bazofa yize kade bekhona izinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha. Kodwa ngaphandle kokunikezwa ukudla, amanzi nemithi cishe bayofa ngaphandle kwemizamo yokukuletha phezulu. Bazofela ngaphansi komhlaba yingakho iSAFTU ithi lokhu kuyinhlekelele eqhubekayo.”