Umbiko wakamuva owenziwe yinhlangano i-Just Share uveza umehluko omkhulu emiholweni phakathi kwabaphathi abakhulu (ama-CEO) kanye nezisebenzi eziphansi ezinkampanini ezinkulu zaseNingizimu Afrika, iWoolworths neShoprite. Umphathi omkhulu weWoolworths, uRoy Bagattini, uthole imali engu-R122.5 million ngo-2023, kanti umholo omncane wezisebenzi kule nkampani wawungu-R93,600 ngonyaka. Ngokufanayo, umphathi omkhulu weShoprite, uPieter Engelbrecht, uthole u-R64.7 million, kanti isisebenzi sakule nkampani sithole u-R65,263 ngonyaka.
Lokhu kusho ukuthi isisebenzi seWoolworths sidinga iminyaka engaphezu kwemithathu, kanti isisebenzi seShoprite sidinga cishe iminyaka emithathu ukuze sithole okulingana nalokho abaphathi babo abathola ngelanga elilodwa. Osomnotho bathi le mehluko yenzelwa ukuhlonipha umthetho wokuphakela nokufunwa kwemisebenzi, lapho kunesibalo esikhulu sezisebenzi ezingasebenza ezingeni eliphansi kodwa kunesibalo esincane sabantu abafanele ukuba ngama-CEO, okuphakamisa imiholo yabaphathi.
Kubuye kukholakale ukuthi kucatshangwa ukuthi imiholo ephezulu yama-CEO ibenza bazinikele kakhulu ekuphumeleliseni izidingo zabanikazi bezinkampani (ama-shareholders). Nokho, izinto ezenzeka esikhathini esidlule ezifana nokwehluleka kwe-Steinhoff, iTongaat, kanye neWoolworths uqobo ziqeda loyo mqondo wokuthi ukukhuphula amaholo kuqinisekisa ukusebenza kangcono kwabaphathi. U-CEO wangaphambilini weWoolworths, u-Ian Moir, wafaka lenkampani enkingeni enkulu yokutshalwa kwemali engalungile e-Australia naphezu kokuholelwa kahle.
Lolucwaningo seludale ukukhuluma okukhulu kwezomnotho nekhwelo lokucubungula ukubaluleka lokuholela kakhulu izikhulu kodwa abasebenzi abasemazingeni aphansi bona bebe beholelwa amakinati. Umbuzo omkhulu yilona wokuthi ngabe lokhu kuzosiza yini ukuvala igebe phakathi kwabahluphekayo nabadla izambane likapondo kuleli.
Ei kunzima ikakhulukaz nakithi thin basema garage sihola amakinatu kodwa sibe sisebenza kansima nabant bako labour bayakhokhelwa akukho 3singakwenza ukuth sisizakale kulenkinga kwanzima