Ukhansela wase Burford uMnuz Mthokosizi Khoza kanjalo nomphakathi wase Burford , Hope’sland kanjalo nakwaGodi bacela usizo kosomabhisinisi base Mnambithi naso Thukela ngokwakhelwa umtholampilo endaweni yabo.
Umphakathi wase Burford, kwaGodi kanjalo nase Hope’sland usasebenzisa umtholampilo ongumahamba nendlwane ukuthola usizo lwezempilo kulesikhathi samanje.
Lomphakathi uthi uma uke washiywa umahamba nendlwana kuzomele uzame ezinye izindlela zokuthi uthole usizo.
Bathi imoto engumahamba nendlwana ifika kanye ngeviki uma uke wagula ingakafiki shuthi kuzomele uye emtholampilo wase Driefontein nakhona kuzomele ugibele kabili uma ungenayo imali shuthi kuyakubhedela.
Baveza ukuthi kunezifo ezidinga uthathe ingazi ngakho uma ungayanga ngesikhathi kukhona umahamba nendlwana shuthi kuzomele ulinde olunye usuku.
Ngakho bayacela ukuthi umangabakhona usomabhizinisi ongabalekelela ukuhlangabeza umnyanga wezempilo.
Kanti ikhansela lendawo uMnuz Mthokosizi Khoza uthi yebo uqinisile umphakathi usuyadingeka umtholampilo kulezindawo eziseduze ne Burford ngoba abantu sebaningi kakhulu manje kunakuqala futhi isibalo sezakhamuzi sikhula usuku nosuku isidingo somtholampilo sesikhona manje.
Uthi yebo indawo ikhona abanikwa yona ukuthi kungakhiwa umtholampilo kodwa ke uma bezocela kuhulumeni kungaphela eminye iminyaka eminingi ngoba ziningi izindawo ezindinga umtholampilo.
Bafisa ukuthi uma kukhona usumabhizinisi ongabasiza bangayibhala incwadi Iye kumnyango wezempilo bawutshele ngalomcabango wabo ngoba bayafuna ukuba nomtholampilo wabo.
Yes thanks Mr khoza I have nothing more to say as you mentioning very well all you said it is true. For our dignity as a community really we need clinic