Omunye wabazali bezingane zesikole esiseMnambithi endaweni yaseHopslandiMhlanganyelwa Secondary School ongathandanga ukudalulwa ubhalele iphephandaba uThukela News Times edalula ngodaba olungabaphethe kahle bengabazali babantwana.
“ kunento ebuhlungu eyenzakalayo kodwa iyazitshwa, izingane ziyazibulala kodwa lento akekho oyisukumelayo. Kwaphuma isiphrofetho esakhishwa ngumthandazi wasendaweni esisho esidlangalaleni kunesikhumbuzo somunye wothisha lapho athi khona kusazofa izingane eziningi ngokuzibulala.”
Lomzali uqhube wathi lomthandazi waqhuba wathi lokhu kuzokwenzeka ngoba kukhona ngaphakathi esikoleni owenza izinto ezingalungile, kanti lezo zinto zidinga inani elithjile lemiphefumulo yezingane zesikole, “sikhuluma nje zintathu izingane ezizibulele ngenyanga ephelile iyodwa nje kwathi eyesine ibanjwe isizama ukuzibulala”
Lomzali uthi okubi ukuthi wonke umuntu uyayazi lento ngisho uthishanhloko kodwa uthule akasho lutho, “singabazali sithukile, siyasaba futhi sihlalele ovalweni ngalento ngoba asazi ukuthi iyiphi ingane ezolandela nokuthi yikuphi okumele sikwenze” kuphetha lomzali.
Kodwa lento ibuhlungu ngabe iyasukunyelwa ngoba isazoqhubeka kushuthi zophela zonke izingane eskoleni esisodwa kunzima ngoba no principal uthule thina asingene ukuthi uyabasaba othisha yini noma akabasabi sifuna kuphela lento ngoba zogcine ngasezi izingane eskoleni Nazo seziyasaba kunzimake ngempela manje 😭😭😭😭💔