Umkhenikha odabuka ezweni laseMozambique, uVigo Manuel Macamo, inikezwe isinxephezelo esingu-R270,000 ngemva kokuboshwa ngokungemthetho nokushaywa ngamaphoyisa eSoweto ngo-2019. INkantolo eNkulu ithole ukuthi amaphoyisa, uSgt Risonga Maluleke noSgt Davidson Mutavhatsindi, bacwasa ngokobuzwa lomlisa ngesikhathi bemisa imoto yakhe ingenacala baphinde bamshaya.
Lesi sehlakalo senzeke kuMdlalose Street eProtea North lapho uMacamo edlule imoto yamaphoyisa ngemva kokuba amaphoyisa omkhandlu omkhulu emvumele ukuthi aqhubeke emgwaqweni. Naphezu kokuthola imvume yokuhamba, uMaluleke noMutavhatsindi bamjaha ngemoto bamfica bamhlasela. Bamangalela amanga bemthwesa icala lokuphuza utshwala, ukushayela budedengu, kanye nokutholakala namabhodlela otshwala emotweni yakhe.
UMacamo uphike lezi zimangalo futhi wafakaza ngokushaywa kwakhe, okwakusekelwa omunye wamaphoyisa, uSgt Nzimande, owabona lesi sigameko. UNzimande waze wacela abaphoyisa ukuthi bamkhulule uMacamo, kodwa banqaba futhi bamvalela esiteshini samaphoyisa iProtea Glen.
UMacamo wathola ukulimala okuningi, okuhlanganisa imihuzuko ekhaleni, ezihlakaleni, nasemilenzeni. Udokotela waqinisekisa loku kulimala ngesikhathi emhlola. UMacamo wachitha amahora ayisishiyagalolunye esitokisini wase ededelwa emva kokusulwa kwamacala ayebekwe wona.
Ijaji lathola ukuthi amaphoyisa aqamba amanga mayelana notshwala emotweni kaMacamo futhi llayalela ukuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa akhokhe isinxephezelo futhi akhokhele izindleko zomthetho zikaMacamo, livuma ukuthi wahlukumezeka ngokomzimba nangokwengqondo.