UNoxolo Ntuli waseShowe nobegcwele ezinkundleni zokuxhumana kuleli kubikwa ukuthi waduka mhlaka 2 february 2024 eshowe ephuma esikoleni sekuvele ukuthi ukhona.
kunenkulumo eqoshiwe evele namuhla ekuseni lapho kubonakala owesifazane ozibize ngo Mbongi ongumama wengane kanye nengane bechaza ukuthi ayikaze yalahleka futhi isesimeni esihle.
Ngokwabantu ezinkundleni bebeveza ukuthi umama umthathe esikoleni ngoba uyahlukunyezwa. Ubaba wengane ekhuluma emsakazweni ohlelweni olushayelwa ngu Jacinta Ngobese kwiVumafm uziphikile izinsolo zokuhlukumeza. Odabeni lukamama wengane uthe akamazi ukuthi ukuphi njengoba babehlala ndawonye kodwa wagcina ethathe imithwalo wahamba.
Umtwana uthathwe ngaphandle kwemvume yakhe esikoleni nathi kumele kube nencazelo ngokuthathwa kwakhe yingakho eseqashe nomphenyi ozimele ukuqhuba uphenyo,icala livuliwe nokuyilapho okuzovela iqiniso ngaloludaba.