Izindaba ezingakaqinisekiswa zithi iKaizer Chiefs inentshisekelo yokusayinisa abadlali ababili beBafana Bafana, nakuba oyedwa ebonakala kunzima ukumthola.
Emuva kokudlala kahle kwalabadlali ku-Afcon esanda kubanjelwa eCôte d’Ivoire, iChiefs ibukeka isivuselele intshisekelo yokujaha inkakha yeBafana Bafana, uSphephelo ‘Yaya’ Sithole, obekhona kuyona yonke imidlalo yeqembu lesizwe laseNingizimu Afrika kulo mqhudelwano.
USithole, osegijima kuCD Tondela kuPortugal Liga 2, nenkontileka yakhe ephela ekupheleni kwale sizini, kungenzeka ukuth maningi amaqembu amfunayo emva kokudlala kahle kulomqhudelwano.
Akukhona okokuqala ukuthi iChiefs imataniswe nalomdlali waKwaZulu-Natal, oseneminyaka eyisithupha ezinze ePortugal selokhu ashiya isikole ayefunda kuso ssamakhono eThekwini ukuze azihlanganise nezinkunzi zasePortugal iSporting Lisbon.
USithole, owayeyilungu leqembu laMajimbos ngo-2015 ngaphansi kukaMolefi Ntseki, elabamba iqhaza emqhudelwaneni weFIFA U17 World Cup ngo-2015.
Umqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos, useke wahlaba ikhwelo lokuthi angathanda ukubona kwanda abadlali baseNingizimu Afrika benyukela emaqenjini aphezulu futhi amakhulu ebholeni laphesheya kwezilwandle. uSithole oseke wamataniswa namaqembu agijima kuGermany Bundesliga, French Ligue 1 manje ose-Italy. ISerie A, nayo kukholakala ukuthi akakufisi kangako ukuza kuSouth African Premier Soccer League (PSL).
Omunye umdlali weBafana Bafana obeseqenjini le-AFCON, okhonjwa kuChiefs, umgadli wePolokwane City u-Oswin Appollis, naye obe nesandla ekunqobeni iRise and Shine ihlula iMoroka Swallows ngo 1-0 ngempelasonto edlule.
Imibiko eminingi ibimatanisa u-Appollis neChiefs ngaphambi kwe-Afcon, kodwa akwenzekanga lokho. Kulindeleke ukuthi iChiefs ivuselele umjaho walomdlai ngasekupheleni kwale sizini futhi ngeke esabiza imali encane njengoba esedlale imidlalo yamazwe ngamazwe ku-Afcon kanye neyobungani bamazwe ngamazwe.