Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

KUZOMELE KUYEKWE UKUVOLONTIYELA UKHOZI FM EMISAKAZWENI YOMPHAKATHI

Posted on 17 March 2025

NAMUHLA umsakazo omkhulu kunayo yonke kuleli lengabadi ngabalaleli Ukhozi FM lumemezele uhlu lwezinhlelo zalo zonyaka ka 2025/2026. Lokhu kuhlale kungundabamlonyeni kubalaleli balomsakazo ngoba basuke befuna ukwazi ukuthi izinhlelo zabo abazithandayo zansuku zonke zisuke zizoma kanjani kulonyaka.

Iba nkulu ke inkulumo-mpikiswano ezinkundleni zokuxhumana nalapho kuhlangana khona abantu ngokuthi yiluphi uhlelo oluzoshayelwa ngubani, nokuthi yimuphi umsakazi ozothola uhlelo olusha njalo njalo. Nakulonyaka lomsakazo wenze njengenjwayelo wamemezela izinhlelo zawo ezintsha. Abantu ke banemibono eyehlukahlekene njengoba bekulindelwe, kodwa abaphathi sebenqumile akusekho ukujikela emva kwendlu.

Njengoba kuyisikhathi esibalulekile nesiyintokozo lesi kubalaleli balomsakazo, akuvamile ukuba njalo kubasakazi beziteshi zomsakazo yemphakathi, ikakhulukazi lena esakaza ngolwimi lweSiZulu. iningi labo lisuke linethemba lokuthi kungenzeka bathole ithuba lokuba ngomunye wabasakazi balesi siteshi esihamba phambili kuleli. Onkabi laba basuke bethumele amaDemo abo nezicelo zokuba yingxenye yalomsakazo. Abanye ubabona ezinkundleni zokuxhumana besakaza bukhoma bezama ukuheha iso labaphathi balomsakazo. Okuqaphelekile kulonyaka neminye iminyaka eyedlule ukuthi Ukhozi alithathanga ngisho oyedwa umsakazi eziteshini zomphakathi, kunalokho bancame ukubuyisa abasakazi babo abadala abafana noVusizwe langa noSthandwa Nzuza.

Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi abaphathi beziteshi zemisakazi yomphakathi benze lezi ziteshi zibe yindawo lapho abasakazi bezosebenza khona, bahole imali engakwazi ukubaphilisa ngaphandle kokulangazelela ukuya emisakazweni emikhulukazi njengoKhozi. Baningi kabi abasakazi abanamathalente ayisimanga eziteshini zemisakazo yomphakathi, iningi labo lize lidikibale ngenxa yokungafezeki kwephupho labo lokugcina bengene emisakazweni emikhulu. Yonke lento idalwa yileli gama loku, “volontiya” elisetshenziswa eziteshini zemisakazo.

Lento yokuvolontiya eziteshini zomphakathi kumele iphele nya ngoba iningi lalemisakazo lingakwazi ukukhokhela abasakazi balo ngendlela efanele, futhi engabenza bazizwe ukuthi bayasebenza hhayi “ukuvolontiya”. Zikhona iziteshi esezikukhombisile ukuthi lento yoku,”volontiya” emisakazweni isiphelelwe yisikhathi, futhi imisakazo yomphakathi iyakwazi ukuba yibhizinisi elingenisa imali ikhokhele nabasebenzi ngokwanele. Imisakazo efana noJozi FM, iBush Radio, Izwi Lomzansi neminye isibonisile ukuthi uma ngempela lemisakazo iphethwe ngendlela efanele, iyakwazi ukugaya imali eyanele ukuthi iholele abasakazi ngendlela efanele. Kuyihlazo ukuthi emva kweminyaka engaphezu kwamashumi amathathu kwasungulwa loluhlobo lomsakazo kuleli, namanje kusemisakazo ethi yona ifuna ama “volontiya”, leyonto ichaza ngokusobala ukuthi kukhona okungahanjiswa kahle kulemisakazo.

Cabanga nje ukuthi kungaba mnandi kanjani uma kungathiwa kufika isikhathi sokushintsha izinhlelo zemisakazo yomphakathi, isasasa negidigidi libe likhulu njengoba kwenzeka makushintsha izinhlelo zokhozi. Cabanga nje umsakazi engakwazi ukusuka kwesinye isiteshi somphakathi aye kwesinye somphakathi, kusayinwe izinkontileka abantu basebenze. Angiboni ukuthi yinto enzima kangako leyo. Abaphathi bemisakazo kumele bashintshe indlela abenza ngayo nje qha, izinto zizolunga.

Ngiyafisa ukubona lapho imisakazo yomphakathi isikwazi ukuzimela, inakekele abasebenzi bayo kuze kufike lapho singekho khona isidingo esingako sokuthumela iDemo oKhozini, kodwa wazi ukuthi ungakwazi ukusuka kulesi somphakathi okuso, uye kwesinye impilo iqhubeke nempilo isimame.

1 thought on “KUZOMELE KUYEKWE UKUVOLONTIYELA UKHOZI FM EMISAKAZWENI YOMPHAKATHI”

  1. Sazi says:
    17 March 2025 at 11:32 pm

    Great Story!

Comments are closed.

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme