Umakadebona womculi weGospel uSipho Makhabane ubonga ukuthi uyaphila ngemuva kokuthi oshayasibhamu bembambe inkunzi base bemduna imoto erobhothini enkabeni yeGoli. Odume ngelikaBig Fish, utshele UThukela News Times ukuthi uvele wathula ngesikhathi kuma imoto enamalambu aluhlaza eduze kwakhe ngaseBooysens eGoli. Kodwa laba balisa kuvele ukuthi bekuyizigebengu ebezihamba ngezimoto ezimbili.
Uthi ubezitshela ukuthi uphephile njengoba imoto ebime eduze kwakhe ingeyamaphoyisa. “Bengizitshela ukuthi abomthetho kodwa kwavela ukuthi izigebengu ebezizenze amaphoyisa. Laba abebezenza amaphoyisa bangimisile base bengicela ukuthi ngehle emotweni ngaphambi kokuthi kufike elinye iqulu lamadoda ngenye imoto langiphoqa ukuthi ngingene emotweni enamalambu aluhlaza,” kusho uMakhabane. Yilapho aqale khona ukwesaba futhi wabona ukuthi kungase kube uyathunjwa. “bengesaba. Ngabacela ukuthi bangangizwisi ubuhlungu, nginomndeni. Angicabangi ukuthi bebengazi ukuthi ngingubani,” kwenaba futhu uBig Fish.
lomculi wodumo lwengoma ethi There is a race uthi lezi zigebengu zikwazile ukuthatha imoto yakhe zamgcina amahora amathathu zifuna imali. “Babefuna i-pin yami yasebhange nokuthi ngikhiphe imali ku-akhawunti yami, bathi ngidinga ukwenyusa inani lemali engingayikhipha nge-app yami yasebhange, ngakwenza lokho bathatha yonke into ku-akhawunti yami bangishiya ngibambe ongezansi. Bangigcina ngilapho ukuze ngithole okunye kimi. ngihlale ngaphezu kwamahora amathathu, ukuze bathole yonke imali ku-akhawunti yami.” UMakhabane uthi lesi sigameko simshiye ehlukumezekile. “Ngathandaza kulobu bunzima. Ngangicabanga ukuthi ngizofa; engangingakwenza kwakuwukuthandaza.”