Amaqembu aphikisayo KwaZulu-Natal abize inkulumo kaNdunankulu yesifundazwe (SOPA) , njengenkulumo yokukhankasela ukhetho. UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, wethule i-SOPA yakhe yokugcina ehlandleni lesithupha izolo. Inkulumo yakhe igqamise kakhulu impumelelo kahulumeni oholwa yi-ANC esifundazweni….
KUFE IZIGEBENGU EZINE ZIBAMBA IMOTO YEMALI EMTSHEZI
Izimoto zigqabuke ilangabi ngenkathi izigebengu ezingu 15 zibambe inkunzi imoto ethwala imali yakwa G4S eMtshezi ngasesibhedlela eMabhalonni Lezigilamkhuba zitholanephezulu nonogada bemali kanye namaphoyisa, amaphoyisa adubula abulala ezine kwalimala onogada ababili. Amaphoyisa kudingeke…
ISUNDOWNS IQOPHE UMLANDO OMUSHA SHA EBHOLENI LAKULELI
Zilokhu zikhalele njalo phezulu izigubhu kany nezimfengwana eChlorkop ngenxa yenjabulo abayinikwa Abafana besitayela, njengoba kuleminyakaeyisithupha eyendlule benza isiqinisekiso sokuthi abaphoxi kubaphathi Kanye nakubalandeli babo. Lucas Ribeiro wenze isiqinisekiso sokuthi injabulo ilokhu ibhalwe…
SEKUDLULE ABANTU ABANGAPHEZU KUKA 700 EZAMBIA NGENXA YESIFO SECHOLERA
Njengoba ezinye izingxenye zezwekazi zilwisana nesifo weCholera, inhlanganiso elwela amalungelo abantu iDoctors Without Borders isithumele ithimba eZambia ukuyancedisa abezempilo kuleliyalizwe. IZambia ibhekene nenkinga yokubheduka kwalesi sifo kusukela ngo-Okthoba nyakenye, kanti cishe abantu…
UNGQONGQOSHE UPHIKA EYOKUHLOBANA NEQEMBU LOMKHONTO WESIZWE
UNgqongqoshe wezokuVikela uThandi Modise kanye nowayenguSihlalo we-Economic Freedom Fighters (EFF) eGauteng uMandisa Mashego bobabili bazichithile izinsolo zokuthi bahlobene neqembu likalowo owayengumholi wezwe uJacob Zuma, umKhonto weSizwe (MK) Party. NgoLwesibili ebusuku, uModise wachitha…
ZAHOLELWA U-R800 000 IZINKABI EZABULALA U-AKA
Iphephandaba laseSwatini iTimes Of Eswatini lidalule ukuthi amaphoyisa akuleliyazwe abophe abasolwa ababili abebebhace kwelinye lamahhotela eSwatini. Laba basolwa bangabanye abathintekayo ekubulaweni komculi weHipHop wakuleli uKeanan Forbes oDume ngelika-AKA . Leliphephandaba libuye ladalula…
INDLULAMITHI IQOKE UNGIZWE NJENGOMKHUZI WEBUTHO LAMABHINCA
Ukhombise injabulo eyisimanga uNgizwe Mchunu emenyezelwa njengomkhuzi webutho lamabhinca. Inkosi yesizwe SamaZulu INgonyama uMisuzulu kaZwelithini wenze lesi simemezelo emcimbini wokuvulwa ngokusemthethweni wesishaya mthetho saKwaZulu-Natali namhlanje eMgungundlovu. UMchunu, nowaziqoka yena njengoMongameli wamabhinca usithokozele…
BABONGA UTHISHA OMKHULU ABAZALI EMATIWANE NGOKUNGAKHETHI IPHELA EMASINI
Kuhlomule imindeni engamakhulu amabili(200) ohlelweni lika thisha omkhulu weskole iMangcengeza high school esiseMatiwane. Uthisha omkhulu wesikole saseMatiwane iMangcengeza high school uMnu Nkosenhle Makhubo kanjalo nobuholi besikole nobomphakathi badlulise amaphasela okudla kanye nemifaniswano…
KUGWAZWE OWESIMAME NGEBHODLELA PHAMBI KWENGANE YAKHE
Kumuncu endaweni yaseVubamasi eMgungundlovu njengoba izakhamuzi zazisethukile ngokubulawa kukaThulisile Zuma. NgeSonto ekuseni, uZuma uhlangabezane nesiphetho esibuhlungu sempilo yakhe phambi kwengane yakhe, okusolakala ukuthi kwenziwe umuntu wesilisa abesondelene naye kakhulu. Umsolwa kubikwa ukuthi…
ZIQINISIWE EZOKUPHEPHA NGAPHAMBI KOKUVULWA KWESISHAYAMTHETHO SAKWAZULU NATAL
Kuyaqhubeka ukuhlolwa kokugcina kwezokuphepha e-Oval Cricket Stadium eMgungundlovu ngoLwesibili ekuseni, ngaphambi kokuvulwa kwesiShayamthetho saseKZN. ISilo saMaZulu uMisuZulu KaZwelithini uzokhuluma nezihambeli ezingaphezu kuka-2 000 namalungu esiShayamthetho sesifundazwe. Ezokuphepha ziqinile enkundleni yezemidlalo enhlokodolobha, amaphoyisa…
OWADUMA KWI PIRATES AKASENAKHAYA
Umakadebona womgadli Thamsanqa Aubrey GABUZA (36) ongowokuzalwa khona lapha Emnambhithi obegijima kwi TS Galaxy sekusheshe kwaphela yena naleliqembu ebebethi bazama ukukuhlanganisa njengoba engeke esalidlalela leli qembu lika Sukazi. Ngokusho kwemithombo ethembekile ithe…
INTSHA YE-MK IFUNA UKUQEDA NYA NGO-NSFAS
Uphiko lwentsha yoMkhonto weSizwe lufuna kuchithwe iNational Student Financial Aid Scheme.Ithi abantu base-Afrika bangabantu ababencishwe amathuba phambilini, futhi ngenxa yalokho, basahlupheka ngenxa yokululazwa ubumpofu ngenxa yokungabi nabulungiswa kwesikhathi esedlule. Lolu phiko luthi…