Ukhombise injabulo eyisimanga uNgizwe Mchunu emenyezelwa njengomkhuzi webutho lamabhinca.
Inkosi yesizwe SamaZulu INgonyama uMisuzulu kaZwelithini wenze lesi simemezelo emcimbini wokuvulwa ngokusemthethweni wesishaya mthetho saKwaZulu-Natali namhlanje eMgungundlovu.
UMchunu, nowaziqoka yena njengoMongameli wamabhinca usithokozele kakhulu lesi simemezelo sikangangezwe lakhe,”Amabhinca azalwa uZulu wonkana, izizwe zonke ke mazihlangane zazi ukuthi ukuba yibhinca akubona ubuwula ngoba namhlanje ngigcotshwe ngokusemthethweni ezindlini zombuso wephalamende,” kusho uMchunu.