UNgqongqoshe wezokuVikela uThandi Modise kanye nowayenguSihlalo we-Economic Freedom Fighters (EFF) eGauteng uMandisa Mashego bobabili bazichithile izinsolo zokuthi bahlobene neqembu likalowo owayengumholi wezwe uJacob Zuma, umKhonto weSizwe (MK) Party.
NgoLwesibili ebusuku, uModise wachitha udaba olwasabalala emazikweni ezindaba olwaluphakamisa ukuthi ashiye kokubili umsebenzi kanye nobulungu bakhe ku-African National Congress (ANC) ukuze ajoyine i-MK Party.
Ingxenye yomzabalazo wanoma yiziphi izinhlangano ezintsha isebucikweni bokuheha uhlobo olufanele lwamagama angeke azwakale nje kubavoti kodwa azoza nokwethembeka okukhulu.
Odabeni lwe-MK Party, bekubonakala sengathi kunemikhankaso eminingi ekhaliphile, amagama afana noModise noMashego afakwe kwezinye zezingxoxo zawo.
UModise uwuchithile lo mbono wathi uzohlala eyilungu le-ANC kuze kube phakade.
“Ngizimisele ngokufa njengelungu le-ANC, noma ngabe kwenzekani ku-ANC.”
uMashego osewashiya kwezombusazwe, uthe uzizwa ehlukumezekile ngokusetshenziswa kwegama nezithombe zakhe, ingasaphathwa eyokumataniswa noZuma.
“Nginengekile, nakho konke okunye ongakucabanga ukuthi igama lakho lisetshenziswe ngaphandle kwemvume yakho.”
Njengamanje amanye amaqembu ezombusazwe alwela ukuthola abantu abazongenela ukhetho ezishayamthetho, kanti amanye azama ukusayinda ukuze angenele ukhetho lwangomhla zingama-29 kuNhlaba.