Njengoba ezinye izingxenye zezwekazi zilwisana nesifo weCholera, inhlanganiso elwela amalungelo abantu iDoctors Without Borders isithumele ithimba eZambia ukuyancedisa abezempilo kuleliyalizwe.
IZambia ibhekene nenkinga yokubheduka kwalesi sifo kusukela ngo-Okthoba nyakenye, kanti cishe abantu abangu-20,000 sebebikwe bangenwa yilesi sifo kanye nabantu abangama-700 ababulawa yilesi sifo.
Izambia ingelinye lamazwe ayishumi nanye asebenzela ukulwa nokubhebhetheka kwalesi sifo okuqhubekayo.
AbeDoctors Without Borders bathi ukubheduka kweCholera okukhona eZambia kubeka kanzima emkhakheni wezokwelapha, njengoba izinsiza kufanele ziqondiswe kabusha ukuze kubhekwane nale nkinga.
Ithi isiza uMnyango wezeMpilo kuleliyazwe ngezempilo, kanye nezinkinga zezokuthutha, ikakhulukazi eLusaka naseNdola – amadolobha amabili ahlaselwe kakhulu yilokhu kuqubuka kwalesi sifo.
Ngonyaka odlule, iNingizimu Afrika iphinde yahlaselwa yisifo esaqala eHammanskraal edolobheni laseTshwane, esadlula nemiphefumulo eminingi.
Le nhlangano ithe iyabakhathaza kakhulu abantu abasabulawa yilesi sifo eseselapheka.