Zilokhu zikhalele njalo phezulu izigubhu kany nezimfengwana eChlorkop ngenxa yenjabulo abayinikwa Abafana besitayela, njengoba kuleminyaka
eyisithupha eyendlule benza isiqinisekiso sokuthi abaphoxi kubaphathi Kanye nakubalandeli babo.
Lucas Ribeiro wenze isiqinisekiso sokuthi injabulo ilokhu ibhalwe ebusweni kubathandi baleli qembu ngokuthi ashaye amagoli 3 ngesiwombe sesibili ngenkathi bebhekene no Suthu emdlalweni ye Dstv premiership izolo ebusuku. lokhu okwenze Sundown ingashaywa emdlalweni ye league engu 16 esiyidlalile kule season kanti Uma ufaka nokwange season eyendlule kwenza leli qembu libe nemidlalo 40 ilandelana lingashaywa kwi league, lokhu osekwenze irekhosi elisha sha ebholeni lakuleli.
Kumanje leli qembu Liqhwakele phezulu kwi Log ngo 42 wama phuzu ngemva kwemidlalo 16 njengoba olele isibili elandela nge mumva ngama phuzu 12 okuyi (Cape town city Kanye ne Supersport abalinganayo ngamaphuzu 30)
Lomdlali (Lucas Ribeiro) ongowokuzalwa ezweni lase Brazil lena yi season yakhe yokuqala kwi Sundown kodwa ngendlela esefike wagaxela ngayo kuleliqembu ngathi wakhulela khona, Kumanje useshayele iqembu lakhe amagoli 10 okumenza abe ngumdlali ohamba phambili kuleliqembu.
Bazoke bethi ukukhohlwa Kancane ukufuna ukunqoba le ndebe Ihlandla lesikhombisa (7) kulandelana bebheke e – Africa, njengoba kulempelasonto ngo Mgqibelo bezobhekana ne TP Mazembe kwi midlalo yokugcina yama qoqo e CAF champion league. Kuleli qoqo kumanje bayalingana bobabili Bana maphuzu ayi 10 iqembu ngalinye futhi sebendlulele esigabeni esilandelayo okungama Quater finals.
Sundown Vs TP Mazembe 15:00
(Loftus versfield Stadium)