Isiphihli sengozi eyenzeke endaweni yaseTholeni kuWard 34 ngaphansi kukaMaspala -Alfred Duma sidlule nomphefumulo womuntu oyedwa. Lengozi okubikwa ukuthi yenzeke ekuseni ngezithuba zehora lesihlanu, idalwe wukuphaphalaza kwemoto yohlobo lwe-Avanza emhlophe okuthiwa iphaphalaze yaze…
UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOMNTWANA ONYAMALALE EGCEKENI
Umndeni wakwaQwabe Eweenen esigodini saseGomba ngaphansi kukaMaspala iLangalibalele ucela ukufuniswa umntwana wentombazane odukile. ngokusho kwelinye lelunga lekomidi elimele umphakathi walendawo uthi lomntwana uduke ngezikhathi zantambama ngezithuba zehora lesine. Lentombazanyana eneminyaka emibili nje…
KUKHUZWE INKOLELOZE NGEZAGUGA EMAKHASI
Ongoti kanye nosonhlalakahle bahambele eSacred Heart Roman Catholic Mission eMakhasi ngenhloso yokubungaza nokufundisa kabanzi ngesifo sokukhohlwa iDementia. Ngokocwaningo lesi isifo sokukhohlwa esidalwa yiAlzheimer, sihlasela kakhulu abantu asebekhulile abasukela eminyakeni engamashumi amahlanu kuya…
USEJOYINE AMAKHOSI U OX MTHETHWA
Kuphelile ukuqagula ngomdlali wasesiswini uSbongiseni “OX” Mthethwa njengoba iStellenbosch FC isikuqinisekisile ukuthi usengumdlali wamakhosi ngokuphelele. Lomdlali ubegaqelwe kanzima nayi Orlando Pirates futhi iningi labalandeli libuka kuyiyo esemathubeni amahle okusayina lomdlali. UMthethwa odabuka…
BAZISWE NGEMIKHAKHA EYAHLUKENE ABAFUNDI E UITVAAL
Umnyango wezokuthutha kuzwelonke oholwa uNgqongqoshe uNkk Sindisiwe Chikunga, izolo ubunesithangami sokucobelelana ngolwazi nabafundi bezikole ezahlukene endaweni yase Uitvaal. Abafundi abangaphezulu kwezinkulungwane ezimbili (2000) abasuka ezikoleni ezihlukene eUitvaal bahlanganele enkundleni yezemidlala e Uitvaal…
UBUYELE EKHAYA UHLOMUKA EYOSHUMAYELA IZWI LIKA KHONGOLOSE
uNgqongqoshe wezokuThutha nokuphepha komphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka oyiphini likanobhala we African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ehambisana nobuholi base baseJosiah Gumede Region bahambele indawo yase Ward 15 endaweni yase Mbuzweni. uHlomuka uthi…
IDLULE NOPHAHLA LWESIKOLE INKANYAMBA EMTSHEZI
Bazofunda bebuka isibhakabhaka abafundi besikole samabanga aphezulu eMtshezi endaweni yase Ntabamhlophe. Isikole iMtshezi high School isale ingenalo uphahla emva kwesishingishane esihlasele lendawo ngezithuba zantambama izolo.Izindawo ezakhele UMtshezi kanye nezinye izinxenye zaseBergville zithintekile…