Isiphihli sengozi eyenzeke endaweni yaseTholeni kuWard 34 ngaphansi kukaMaspala -Alfred Duma sidlule nomphefumulo womuntu oyedwa. Lengozi okubikwa ukuthi yenzeke ekuseni ngezithuba zehora lesihlanu, idalwe wukuphaphalaza kwemoto yohlobo lwe-Avanza emhlophe okuthiwa iphaphalaze yaze yayongena komuye umuzi oseceleni komgwaqo.
Ngokwemibiko bathathu abantu ebebekulemoto, ababili babo bathole ukulimala kanzima baphuthunyiswa esibhedlela kanti ke lona wesithathu uphangalale endaweni yesigameko. Umphakathi walendawo ukhala ngobubi balelijika eselidale izingozi eziningi eminyakeni edlule ikakhulukazi ngezikhathi zamaholide. Ukungabibikho kwezimpawu zomgwaqo kanye nezinsiza zokwehlisa isivinini zingezinye zezimbangela zezingozi ezinyantisa igazi kulomgwaqo.
Lengozi isdale uvalo njengoma izikhathi zamaholidi kancibijane ziya ngokuya zisondela nje.