uNgqongqoshe wezokuThutha nokuphepha komphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka oyiphini likanobhala we African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ehambisana nobuholi base baseJosiah Gumede Region bahambele indawo yase Ward 15 endaweni yase Mbuzweni.
uHlomuka uthi beyi ANC kwaZulu Natal kungumgomo wabo ukuthi bahambele amalunga abo kanjalo nemiphakathi emakhaya, ukubakhumbuza ngokubaluleka kwe ANC kubona nemisebenzi eseyenziwe i ANC emphakathini yasemakhaya.
Umphakathi wase Mbuzweni ukhale kakhulu ngamanzi njengoba wazise uHlomuka ukuthi amanzi sebewezwa ngephunga njengaMazambane bacela angenelele ngoba bathwele kanzima.
Umphakathi uthi uyafisa nokuthi lento yamanzi isheshe ilungiswe ngoba kunzima ukuphila ngaphandle kwamanzi.
UHlomuka uwuthembisile umphakathi ukuthi uzoyisukumela indaba yamanzi ngoba akumele abantu bangabi namanzi, uthe imizi eminingi ihlala izaguga nabantu abakhubazekile iyonanto i ANC esemqoka kuyona ukukhathalela impilo yabantu kakhulukazi basemakhaya.