Uphume ngobuningi bawo wagcwala ihholo lomphakathi umphakathi waseLimihill nezinye izindawo ezakhele uWard 34 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma izolo kulandela ukuvakasha komnyango wakwaSASSA Kulendawo.ukufika kukaSASSA kulendawo kube yisibusiso kulomphakathi ngenxa yezinkinga obhekana nazo…
BAKHALA NGOKWEQIWA NGAPHEZULU ABASEBENZI ABAYITOHO EMNYANGWENI WEZOKUTHUTHA OTHUKELA
Baqhinqe ngaphandle kwamahhovisi omnyango wezokuthutha izolo abasebenzi abayitoho balomnyango eBergville emumva kokuzwa emsakazweni ukuthi sekuqhashwe abanye abasebenzi ekubeni bethenjiswa ukuthi uma kuvuleka izikhala kuzongena bona. kume nse ukusebenza kulomnyango ngesikhathi laba basebenzi…
UMPHAKATHI UTHEMBISA UKUPHELEZELA IKHANSELA NGEMVUBU BEYOFUNA AMANZI.
Uthukuthele ugane unwabu umphakathi waku Ward 4 kuMaspala uKhahlamba Local Municipality, njengoba sekuphela izinyanga ungenamanzi. Lomphakathi uthi into ebaphatha kabi ukuthi iLoli lamanzi lidlula kuyo leward liye eWard 8. Lo mphakathi usola…
KUTHOLAKALE ABANTU ABABILI BEBULEWE E-DUNDEE
Amaphoyisa aKwaZulu Natal aseqinisekisile ukuthi kutholakale izidumbu zabantu besilisa ezimbili abalinganiselwa eminyakeni engu 35 kuya ku 38 endaweni yaseDundee, Okhulumela amaphoyisa esifundeni uMzinyathi uConstable Nkwanyana uthi lokhu kuza ngemuva kokuthi umphakathi uhlabe ikhwela…
UTHOLE IZIMPENDULO UMPHAKATHI WASELOSKOP NGAMANZI
Emavikini amabili edlule leliphephandaba labika ngezibhelu ezasuka endaweni yaseMtshezi ngaphansi kukaMaspala ilanga libalele lapho umphakathi wavuka umbhejazane wavala umgwaqo ngemfucuza kanye namathayi avuthayo ukhala ngokuntula amanzi. Lomphakathi uzitholile izimpendulo izolo emva komhlangano…
IMIBONO | SEKWABA YIMFASHINI NJE UKUBA NGAMAZULU NGOMANDULO
Kuyihlazo eliwedlula onke loku okwezeka kuthina bantu abamnyama ikakhulukazi kuleli lengabadi. ngiyazi ukuthi ngizonyathela amakhona abantu abaningi ngaloludaba engizokhuluma ngalo namuhla, pho-ke nginandabani ngoba ngisho ngeData Lami!Lensambatheka esafunzwa yona uhulumeni nabamhlophe esingene…
KUBUYISA ITHEMBA UKUBAMBISANA KWEMBOKODO
Ube yimpumelelo umcimbi obuse Mountview eMnambithi lapho bekhuhlangene abantu besifazane okubalwa kubo abashiywa ngabayeni babo emhlabeni( abafelokazi) nabahlukanisa.Lomcimbi ubuhanjelwe abasifazane abaqhamuka ezindaweni ezahlukene khona la oThukela. Phakathi kwezinto abakhulume ngazo kube ukubaluleka…
ILUBUNGAZE NGEZINDLELA EZAHLUKENE USUKU LWAMAGUGU I-ANC EJOSIA GUMEDE.
Iqembu i-African National Congress ngaphansi kweJosiah Gumede Region igubhe usuku lwamagugu namasiko EZakheni kuward 2 ngaphansi kuka maspala i-Alfred Duma. Usihlalo we ANC eJosiah Gumede Cllr Siphiwe Mazibuko nonobhala uMnu Hlomuka kanye…
LISATSHISWA NGOKUSOCONGWA IKHANSELA LASE ALFRED DUMA
Lihlalele ovalweni ikhansela laku ward 28 kumaspala iAlfred Duma ngemumva kokuthola izinsongo zokubulawa. UBhekokwakhe Majola ongukhansela waku ward 28 uthi kunomlisa ohambe wayobhala enkundleni yokuxhumana u Facebook ukuthi uzobulala yena nomndeni wakhe….
IDLULE NOMPHEFUMULO WOYEDWA INGOZI YEMOTO ETHOLENI.
Isiphihli sengozi eyenzeke endaweni yaseTholeni kuWard 34 ngaphansi kukaMaspala -Alfred Duma sidlule nomphefumulo womuntu oyedwa. Lengozi okubikwa ukuthi yenzeke ekuseni ngezithuba zehora lesihlanu, idalwe wukuphaphalaza kwemoto yohlobo lwe-Avanza emhlophe okuthiwa iphaphalaze yaze…
UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOMNTWANA ONYAMALALE EGCEKENI
Umndeni wakwaQwabe Eweenen esigodini saseGomba ngaphansi kukaMaspala iLangalibalele ucela ukufuniswa umntwana wentombazane odukile. ngokusho kwelinye lelunga lekomidi elimele umphakathi walendawo uthi lomntwana uduke ngezikhathi zantambama ngezithuba zehora lesine. Lentombazanyana eneminyaka emibili nje…
KUKHUZWE INKOLELOZE NGEZAGUGA EMAKHASI
Ongoti kanye nosonhlalakahle bahambele eSacred Heart Roman Catholic Mission eMakhasi ngenhloso yokubungaza nokufundisa kabanzi ngesifo sokukhohlwa iDementia. Ngokocwaningo lesi isifo sokukhohlwa esidalwa yiAlzheimer, sihlasela kakhulu abantu asebekhulile abasukela eminyakeni engamashumi amahlanu kuya…