NgoLwesine kuzoba nokhetho olusha lobumeya eNdumeni, kulandela ukwesula kweMeya uMnuz Siyabonga Ndlovu. Nokho abaholi bamaqembu aphikisayo bakhathazekile ngalowo okuthiwa angase abekwe ngaphansi kweqembu le-IFP abathi akanawo amava omkhandlu futhi angase aphathwe yizikhulu eziphezulu ezihambisana ne-IFP.
Esitatimendeni esihlanganyelwe, uCllr Mbulelo Phakathi we-ABC kanye noKhansela Siphamandla Kheswa we-ANC bagxeke i-IFP ne-DA ngokuthi bafuna ukubeka kwesobuMeya umuntu ongenamava afanele okuphatha umkhandlu. Lamaqembu athi awamangali nokho ngalokhu okufuna ukwenziwa ilamaqembu ngoba uNdlovu waphoqeleka ukuthi asule esikhundleni ngoba esolwa ngokungakwazi ukwenza umsebenzi, bathi i-IFP yamxosha ngoba izama ukuvikelag izikhulu ezimbili eziphezulu ezisolwa ngokungaziphathi kahle, okuhlanganisa ukuqashwa ngendlela engafanele, inkohlakalo kanye nokuhlukumeza ngokocansi.
Ngesikhathi sikaNdlovu isikweletu se-Endumeni ku-Eskom sinyuke sisuka ku-R34 million saya ku-R200 million, isimo sezimali sikamasipala saba sibi.
Amaqembu aphikisayo anxusa izakhamizi zaseNdumeni ukuthi zihambele umhlangano womkhandlu khona zizobina ukuthi ngempela yibaphi abaholi abahambisana nabo. Bafunge bagomela ukuthi bazophikisana nelungu le-IFP/DA lokuqokelwa kwesobumeya, bethi ukukhetha umuntu ongenazo izicucu kubeka engcupheni yokungaphathwa kahle kukamasipala. “Umlando uzokwahlulela labo abafake isandla ekuweni koMasipala waseNdumeni,” baxwayisa.