Kuyihlazo eliwedlula onke loku okwezeka kuthina bantu abamnyama ikakhulukazi kuleli lengabadi. ngiyazi ukuthi ngizonyathela amakhona abantu abaningi ngaloludaba engizokhuluma ngalo namuhla, pho-ke nginandabani ngoba ngisho ngeData Lami!
Lensambatheka esafunzwa yona uhulumeni nabamhlophe esingene yajula ezibilini zethu kuhle kothi lomkhonto engabe siyoyikhishelwa ngobani na? Leliva ngabe ngembepela isizwe siyokwazi ukulibangula ngelinye ilanga? Angiboni. kunzima kabi ukubangula iva elingene laze lagamanxa esithendeni unganakile ulibele ukumfoma ushukela mbumbulu kuvovo wenhlaba ebaba ha!
Lenyanga esiyiphethayo yaziwa ngokuthi yinyanga yamagugu namasiko kuleli. Uzokhumbula ukuthi lenyanga ize ibizwe ngeyamagugu namasiko nje, yingenxa yokuthi yinyanga lena okuthiwa kwakhothama ngayo iLembe eleqa amanye, iNkosi yesizwe saMaZulu uShaka. Ngaphambi kokuba kungene uhulumeni lona omusha wentanto yeningi, umhla ka 24 kuMandulo wawaziwa ngokuthi yiShakas Day okuwusuku okukholakala ukuthi kwakhothama ngalo iSilo sakwaDukuza. Abaziyo ke bathi uhulumeni omusha wayefuna ukuqeda nya ngaleli holidi kepha wala waphetha umtwana wakwaPhindangene. Lena ke eyangelinye ilanga.
Indaba enkulu ilana ke, kubuhlungu kakhulu ukubona ukuthi nathi impela sesivumile ukuthi sizoba bamnyama kuphela ngoMandulo. Sesivumile ukuthi lulodwa usuku lapho sizoma sizigqaje ngamasiko nosikompilo lwethu. Impela abamhlophe basasibambe ngobhongwane noma thina sizitshela ukuthi sesikhululekile. Kwabonakala ngako ukuthi sibuye sizwe ngabo ukuthi inkululeko yinto enjani ekubeni kuyibo ekade besifase ngamaketango. Sikhululeke ini uma singakwazi ukuba yithina nsuku zonke ezweni lobabamkhulu? kantu yini esihlula ukuthi loMandulo, siwuphile nsuku zonke? kuyihlazo elibi loku okwenzekayo futhi kusenza inhlekisa kwezinye izizwe.
Ngihlale njalo ngibuka amasulumane ngibe nomona ngendlela abakwazi ukuzigqaja ngosiko mpilo lwabo ngayo. ukhumbule ukuthi abantu laba abakude nekubo, izinyanya namadlozi abo asele le kwelikaJosefa noMariya kodwa bakwazi ukuba yibona belana kwelengabadi. Bakwazi ukuphila gendlela yabo baze basedlule le kude thina esikwelakithi esivuka njalo ekuseni sinyathele umhlabathi wobabamkhulu siphinde sihogele umoya oxutshwe wavangwa nezithakazelo zakwethu. Amasulumane agqoka ngendlela yawo, adla ukudla kwawo, akhuleka ngendlela yawo, afundisa abantwana bawo ezikoleni zawo! ngingabala kushone ilanga! konke lokhu bakwenza nsuku zonke, akunanyanga nasuku ababekelwe lona nguhulumeni. Pho sihlulwa yini thina? Sihlulwa yini thina ukugqokisa izingane zethu izigege namabheshu zikhule ziwejwayele? Sihlulwa yini thina ukufundisa izingane zethu ukuthi noma sesiphila kulo leli lobuchwepheshe kodwa idlozi nabaphansi bayaziswa bayahlonishwa? yini edala ukuthi sikubone kuyihlazo ukufundisa izingane zethu ngomlando namasiko akubo, NSUKU ZONKE?
Washo wathi uNdebenkulu kusekude phambili! Imvunulo yethi isaphenduka ingqephu, umbukiso. kuyapepenyekwa kuyathwetshulwa kuyagigithekwa! uma nje kudlula usuku lombukiso lolo, ziyathathwa ziphanyekwe sezobonaka mhla wosuku lombukiso futhi ngonyaka ozayo. Saze sayihlazo ezweni lethu. Saze sayiziphungumangatha!
Sengike ngabona izikhashana ezimbalwa kunsinsithekwa uma kwenzekile umlisa mumbe wanquma ukuzibhincela ibheshu lakhe nje ashawe wumoya. Kusuka igidigidi bonke abantu bakhombane ngaye emarenke kunsinsithekwe kube njeya. Angifuni ke nokuyikhuluma eyasemsebenzini, angeke adlule kwakudlula esangweni kunogada ezindaweni eziningi.
Ngize ngikhumbula insizwa yakwaMahlangu eyaxoshwa esitolo sakwa Clicks ngenxa yokudlubha ezakwaNdebele ziphelele. Yavinjwa emnyango yatshelwa ezinhlamvini zamehlo ukuthi ayigqokile ngokufanele, kwathiwa iphazamisa abanye abathengi. Yaxoshwa kwakuxoshwa kulenxanxathela yezitolo kwathiwa ayobuya mhla “isigqoke kahle”. Ixoshwa yibo belu njalo abebala elimnyama njengayo behlohlwa ngekhala yibo ondlebe zikhanya ilanga. Ngiwukhumbula kahle nomsindo owasuka ezinkundleni zokuxhumana abanye besho nokusho ukuthi vele bekufane bamxoshe, yena ubethi yini yona le ayigqokile. Kusho thina kanye, sisho imvunulo yethu.
Sikhululeke ini ke uma kunjalo?
Ayikho inkululeko uma ungakwazi ukuba uwena. Iqala kithi lendaba futhi iyophela ngathi. Isidwaba akuyona imfashini yangoMandulo, isidwaba siyithi.
Lendaba siyoyiqhuba ngelinye ilanga…
kusho mina ngisho ngeData lami!
NguMsuthu Zungu