Uphume ngobuningi bawo wagcwala ihholo lomphakathi umphakathi waseLimihill nezinye izindawo ezakhele uWard 34 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma izolo kulandela ukuvakasha komnyango wakwaSASSA Kulendawo.
ukufika kukaSASSA kulendawo kube yisibusiso kulomphakathi ngenxa yezinkinga obhekana nazo nsuku zonke uma kufanele kuholwe izibonelelo zikahulumeni. Imibuzo eminingi iphendulekile ikakhulukazi leyo ethinta indaba yesibonelelo sika ka R350 esitholwa abangasebenzi. Kukhulu ukudideka okukhona ngemibandela ekufanele ilandelwe uma ufuna ukufaka isicelo sokuthola lesi sibonelelo. Ezinye izinkinga ezivelile zihlanganisa inkinga yamakhadi angasebenzi kanye nezingqinamba ezibonakale enyangeni edlule kulabo abahola eposini.
Ikhanse lakuleWard uMnumzane uMzuzwana magasela uthi bajabule kakhulu bewumphakathi wale ndawo futhi bazizwe bebaluleke kakhulu ukukhunjulwa uSASSA. ubuye wathembisa futhi ukuthi bazobuye bawubize futhi ngoba izinkinga azipheli, kanti umphakathi uyazidinga izimpendulo.
USASSA ufike kulendawo uphelekezelwa ibhange u-Standard Bank kanye no-Easy Pay.