Ongoti kanye nosonhlalakahle bahambele eSacred Heart Roman Catholic Mission eMakhasi ngenhloso yokubungaza nokufundisa kabanzi ngesifo sokukhohlwa iDementia.
Ngokocwaningo lesi isifo sokukhohlwa esidalwa yiAlzheimer, sihlasela kakhulu abantu asebekhulile abasukela eminyakeni engamashumi amahlanu kuya phezulu. Lesi sifo kuthiwa sidala ukuthi ingqondo ingabe isasebenza ngendlela ejwayelike, okubangela ukuthi lowo esimhaqile alibale kalula izigameko ezedlule.
Ungoti ngalesifo uLungile Mthembu uthi lesisifo asilapheki kanti izinto umphakathi okumele uziqaphela kubantu abanaso kuyenzeka bakhohlwe bavuke ebusuku bahambe, bakhulume benze nezinto eziningi ezenziwa umuntu kodwa bengaziboni bona ukuthi bayakwenza. LoNgoti uthi isifo sokukhohlwa lesi, yisona esidala ukuthi iningi labantu abadala basolwe ngokuthakatha ezindaweni zabantu abamnyama.
UNontsikelelo Mabele ongusonhlalakahle ubonge kakhulu ukubakhona kwalomcimbi ukuze kuxoxwe ngalesifo ube esecela umphakathi ukuthi unakekele uphinde uphe abantu abadala isineke ungabasoli ngobuthakathi njengoba kwenzeka emiphakathini eyahlukene.