UKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uMnuz Nhlanhla Mkwanazi, uyalele ukuthi kuphenywe iphoyisa elibanjwe yikhamera lishaya owesilisa. Kulesi siqeshana esisabalale ezinkundleni zokuxhumana iphoyisa libonakala lishaya ngempama lishova le ndoda endaweni yasePhoyinti eThekwini.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uRobert Netshiunda, uthe ngokomfanekiso umsolwa akabonakali ukuthi ubeyingozi kuleli phoyisa.
“Uma owesilisa okuvidiyo enze ubugebengu, amaphoyisa bekufanele amvalele noma abophe, esikhundleni sokwenza icala lokushaya.”
UNetshiunda uthi udlame belungadingekile.
“Kwi-video ethathwe endaweni yasePhoyinti kubonakala elinye iphoyisa lizama ukwehlisa umoya uzakwabo. .”
Uthi ukungaziphathi kahle okufana nalokhu kungcolisa isithunzi samaphoyisa futhi kulimaza ukwethenjwa komphakathi. UNetshiunda ugqugquzele abantu ukuthi baqhubeke nokubika noma yikuphi ukusetshenziswa kabi kwamandla.
“Amaphoyisa awakwazi ukuvumela isimo lapho ukuzuza kwamaphoyisa asebenza ngokuzikhandla kuhoxiswa ukuziphatha okungafanele kwabantu abathile phakathi kwethu.”
Buka ivideo ngezansi:
Police officer caught on camera beating up a man. pic.twitter.com/hqTVQxxwsH
— MDN NEWS (@MDNnewss) November 12, 2024