Amaqembu aphikisayo KwaZulu-Natal abize inkulumo kaNdunankulu yesifundazwe (SOPA) , njengenkulumo yokukhankasela ukhetho.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, wethule i-SOPA yakhe yokugcina ehlandleni lesithupha izolo.
Inkulumo yakhe igqamise kakhulu impumelelo kahulumeni oholwa yi-ANC esifundazweni.
Amaqembu aphikisayo amsola ngokuziba ngamabomu izindaba ezikhungethe isifundazwe, okuhlanganisa nokushoda kwezidingongqangi.
Uncome abebengoNdunankulu baseKZN phambilini ngentuthuko abayilethe esifundazweni.
Nokho amaqembu aphikisayo akugxekile ukuphawula kwakhe.
Umholi we-DA eKZN uFrancois Rodgers uthe, “Ngicabanga ukuthi uNdunankulu kanye ne-ANC abahambisani neqiniso, ngoba uma ulalela le SOPA ende nenemininingwane, kubonakala sengathi akukho okubi esifundazweni sethu.”
UMongezi Twala we-EFF uchaze iSOPA njengeqhinga lokukhankasa.
“Bekuwuhlelo lokhetho olumsulwa kanye nokuhlonishwa okumsulwa. lIsephezulu izinga lokuntuleka kwemisebenzi nobugebengu KwaZulu-Natal.”
Yize uNonkululeko Hlongwane-Mhlongo weRise Mzansi uthe iSOPA ayizange igxile ezimpilweni zabantu nje.