I-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal ngomlomo walowo oqokelwe esikhundleni sokuba nguNdunankulu uChris Pappas ithi inobufakazi obuqanda ikhaanda bokuthi uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube uyabandakanyeka ekusetshenzisweni kwemali yabakhokhi bentela ukuze yenze izidingo zeqembu elibusayo i-ANC.
UPappas utshele izintatheli ngesikhathi ethula ngokusemthethweni ibhodi lokhetho lukazwelonke le-DA eThekwini, ukuthi unobufakazi bokusekela izinsolo zakhe. Lomholi ubekhuluma nje ephethe imvilophu ephuzi nathi iqukethe lobu bufakazi.
Kulemvilophu uPappas uthi uphethe ubufakazi obuvela kulabo abake basebenza ehhovisi likaDube-Ncube abathi ngempela inkulu inkohlakalo eyenzeka kuleliya hhovisi elikhulukazi kulesi sifundazwe.
Ihhovisi likaDube-Ncube lithi ngamapunge lawa akhulunywa uPappas kodwa angeke liphawule kuze kube ngempela uyayivula lemvilophu.
UPappas utshele izintatheli ukuthi uzoyivula lemvilophu engakapheli amaviki amabili. uPappas uthe uDube-Ncube uthathe isabelomali esibalulekile ebesihloselwe ukusebenzela umphakathi wasiguqulela ezinhlelweni zezepolitiki zesikhashana ebezingabelwe zona.
Ekhuluma nephephandaba emva kokwethulwa kwebhodi lokhetho le-DA, uPappas uthe ukhetha ukulinda kuze kube iNkulumo Yesifundazwe ngesonto elizayo.