Ugcine utholakele umzimba walowo obedukile kulandela ingozi inyantisa igazi eyenzeke eMtshezi
ngomgqibelo ebusuku.
Lengozi yayiphakathi kwe truck Kanye netikisi, kwalimala abane kwathi oyedwa wangatholakala ngosuku lwesigameko nokwaholela ekutheni kubizwe ithimba labatakuli abagcine bekwazile ukuthola isidumbu salowo obedukile.
Abomndeni walowo ongasekho kanye nomshayeli wetekisi njengoba kuvela ukuthi bangabandawonye sebezwakalise ukungaphatheki kahle ngoba bethi kuze kube yimanje umnikazi wetruck akaze wabathinta kodwa bathokozela ukuthi bagcine bethole umzimba wolona obedukile.