Abengaphezu kwazikulungwane ezilishumi nanhlanu 15 000 amalunga nabathandi be African National Congress (ANC) eNkosi Bhambatha Region abahambele umbuthano weqembu obuse Msinga.
Inkundla yezemidlalo i-Mzisho Sport Stadium ibigcwele abalandeli be ANC abaqhamuka ngaphansi kwesifunda uMzinyathi bezolalela inkulumo kanobhala jikelele wequmbu uMnumzane Fikile Mbalula.
Ngempelasonto esiyakuyo I ANC iyokwethula usomqulu wezethembiso zokhetho oluzoba ngomhlaka 29 May kulonyaka. Losomqulu uyothulwa ezinkundleni zemidlalo iMoses Mabhida eThekwini.
uMbalula uhambela eMsinga nje uyokhumbuza abalandeli be ANC ngokubaluleka kokuvota kanjalo nokuzwa ukuthi uthini umongameli uma esethula losomqulu.
Ubuholi be ANC buholwa usihlala webo eNkosi Bhambatha uNkz Ntombi Ngubane ,unobhala uMnuz Lucky Khumalo kanjalo noMgqugquzeli uMnuz Jomo Sibiya.
Unobhala kazwelonke we ANC uMbalula uchazele abathandi bakaKhongolose ukuthi izindawo ezinjengo Msinga ezinye zezindawo ezibonakalisa ukuthi ukhongolose uyakhula kakhulu selokhu kwatholwa inkululeka.
Uthi uyajabula uma abantu base Msinga sebekwazi ukugqoka I sikibha sakhongolose ngokukhululeka ngoba yinto eyayinzima ngesikhathi sodlame.
Ukhuthaze abantu base Msinga ukuthi ngesabatha baphume baye eMoses Mabhida bayolalela usumqulu wezethembiso zokhetho. Angaphezulu kwamashumi amane 40 amabhasi azophuma emzinyathi aye eThekwini ngesabatha.