NgoLwesihlanu olwedlule, uNgqongqoshe wezokuThutha uSindisiwe Chikunga unikezele ngamabhayisikili amasha kubafundi abangaphezu kuka-400, iningi labo elivamise ukuhamba ibanga elide ukuze lifike ezikoleni. Lokhu kwenzeke enkundleni yezemidlalo eMvundlweni Sports Ground ngaseVulindlela eMgungundlovu, lapho inqwaba yabafundi abajabule bethole amabhayisikili abo. Ngaphandle kwamabhayisikili, abafundi banikezwe izigqoko zokuzivikela, izingubo ezikhanyayo, iphampu yamasondo nezifundo zokugibela amabhayisikili nokuphepha emgwaqeni.
UChikunga ugcizelele ukuthi lolu hlelo luhlose ukufundisa izingane ezintulayo ikhono elibalulekile, ukuze zikwazi ukuzibandakanya kwezemidlalo nokwenza lula ukufinyelela emfundweni. Lo mzamo uhambisana ne-Shova Kalula National Bicycle Project, okuwuhlelo lukahulumeni oluzama ukudambisa izinselelo zezokuthutha emizini empofu kanye nokwenza ngcono ukufinyeleleka ezikhungweni zemfundo.
Abafundi ababambe iqhaza, abanye babo abahamba amakhilomitha ambalwa nsuku zonke beya esikoleni, bazwakalise injabulo yabo ngokuthola amabhayisikili. U-Amanda Zondi, oneminyaka engu-13 ubudala ohlomulile e-Enati Primary School, wabelane ngenjabulo yakhe, elindele izifundo zokugibela ibhayisikili futhi ezwakalisa ukulangazelela kwakhe ukufundisa izingane zakubo. Ezinye izikole ezizohlomula kulolu hlelo kubalwa izikole zamabanga aphansi iMbanjwa neNcwadi, i-Enati Senior Secondary, iNgcedomhlope, Inqwangele, iNtabende, iQoqisizwe High School eMsunduzi.
Ebonga umthelela walolu hlelo, uMhlaba Nzimande, uthishanhloko waseNcwadi Primary School, wamukele umnikelo wamabhayisikili, ebona kusengaphambili ushintsho oluhle olubalulekile ezimpilweni zabafundi. Udonse ngendlebe nokho ukuthi labo abafunda ukugibela amabhayisikili kumele bahlale beqaphile, njengoba imigwaqo eya noma ibuya esikoleni inzima, igqame izindawo ezimahhadlahhadla, ezinobhuqu neziwubhuqu.