Uyise wengane enonyaka okusolakala ukuthi ibulawe wunina, usazama ukwamukela le nhlekelele. U-Enerst Tembe, ongowokudabuka eMozambique, osehlala eStanger, ngaphandle kweTheku, uthe ufuna kwenzeke ubulungiswa enganeni yakhe. USeluleko Tembe ononyaka kusolwa ukuthi uklinywe unina…
Category: Izindaba Zomphakathi
BAQHINQE NGAPHANDLE KWAMASANGO ESIKOLE ABAFUNDI ELOSKOP
Kumile ukufunda eskoleni iMpumelelo High School eLoskop eNgonyamemi njengoba oThisha kanye nomphakathi bekhala ngoThishanhloko Umphakathi usola uThisha omkhulu ukuthi wadlisa ingane imbuzi engaziwa ukuthi yahlatshwa kuphi,nini zisekhempini kamatikuletsheni ngo2023 nokuthi akasafuni ingane…
UMENGAMELI UGUNYAZE I-SIU UKUTHI IPHENYE NGENKOHLAKALO NGOKWAKHIWA KWAMITAPO YOLWAZI E-KZN
UMengameli uCyril Ramaphosa usegunyaze uPhiko Olukhethekile Oluphenya Ngomthetho (i-SIU) ukuthi luphenye inkohlakalo nokungaphathi ngendlela eMnyangweni wezeMidlalo, ezobuciko, namaSiko KwaZulu-Natal mayelana nokwakhiwa kwemitapo yolwazi eyisishiyagalolunye kanye nokuhlinzekwa kwezincwadi.Uphenyo luzobheka izinqubo zokuthengwa kwempahla, izinkontileka,…
AMAPHOYISA ACELA UKUFUNISWA INTOMBAZANE EAHLEKILE
Amaphoyisa ase-Ematimatolo acele usizo lokuthungatha u-Amanda Wendy Dladla (21) wase-Eshane, eGreytown. Waduka phakathi kukaMashi 9-11 kanti wagcina ukubonakala ehamba nomngani wakhe, egqoke ibhulukwe elimnyama nesikibha esimpunga. “Ngokusho kukamngani wakhe egcina ukumbona wayephuzile…
AMAPHOYISA ASEDANDI ASHAQE INQWABA YEZIKHALI EZINGEKHO EMTHETHWENI NGEMPELASONTO
I-SAPS ishaqe inqwaba yezinhlamvu ezingekho emthethweni nezibhamu ezintathu ngesikhathi somkhankaso ‘wePhasika Eliphephile’ obuqhutshwa esiFundeni saseMzinyathi.Ngaphandle kokuthathwa kwezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, i-SAPS iphinde yavala amashibhi angekho emthethweni amaningi, yathatha nezikhali eziyingozi njengemimese yaphinde…
ISANTACO NOHLELO OLUSHA LOKUBHALISA ONLINE UMA UZOHAMBA AMABANGA AMADE
Inhlangano yamatekisi iSouth African National Taxi Association (SANTACO) ithi ihlela ukwethula uhlelo olusha oluzovumela abagibeli ukuthi babhukhe izihlalo uma behamba amabanga amade nge-internet. Amatekisi kubikwa ukuthi ayindlela esebenza kahle futhi engabizi kakhulu,…
ABAMATEKISI BATHI ABAKANQUMI NOMA BAYENYUSE YINI INTENGO YOKUGIBELA AMATEKISI
Inhlangano yamatekisi iNational Taxi Alliance ithi ayikasithathi isinqumo sokuthi bazoyinyusa yini imali yokugibela, kulandela ukukhuphuka kukaphethroli ngoLwesithathu. UMnyango weMineral Resources and Energy uthi uphethiloli uzonyuka ngo-65 cents ilitha ku-93 unleaded no-67 cents…
BEKUSINDWE NGOBETHOLE ZIWUSHAYA KUMSAKAZI WENQUBEKO FM NGEMPELASONTO
Kube yisikhathi senjabulo kuMsakazi wesiteshi somsakazo esizinze edolobheni eMnambithi iNqubeko FM ngesikhathi egcagcelwa yintokazi yaseLimehill khona eMnambithi. uMduduzi Buthelezi owenza uhlelo lwasekuseni njalo ngoMgqibelo kusukela ngehora lesithupha ekuseni kuze kube yihora lesishiyagalolunye,…
IPHOYISA LASETHEKWINI LIGWAZE LABULALA INTOMBI YALO MAQEDE LAYISHUTHA LAFAKA IZITHOMBE EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA
Iphoyisa laseThekwini lizongena enkantolo ngoLwesibili ngecala lokubulala intombi yalo. Owesifazane, obephinde abe yiphoyisa likamasipala, ugwazwe washona efulethini labo elisenkabeni yedolobha ngeSonto. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda, uthe kuyacaca ukuthi izithandani zaziphuza ngaleso…
KUCELELWA USIZO UMTWANA WAKWAZULU-NATALI ONESIFO SOMDLAVUZA WOMNKANTSHA
Kucelwa umphakathi ukuthi usize ukusindisa impilo ka-Wandiswa oneminyaka engu-11 ubudala, intombazanyana yaKwaZulu-Natal owatholakala ukuthi unesifo somdlavuza ohlasela igazi kanye nomnkantsha owaziwa phecelezi nge-Acute Myeloid Leukemia (AML). Waqala ukutholakala ene-AML ngoDisemba 2023. Izimpawu…
YEHLULEKE YANCAMA I-ABC UKUKHIPHA UNDLOVU ENDUMENI
Ugcine uhlalile umhlangano womkhandlu waseNdumeni lomhlangano uzokhipha umeya kamaspala wase Ndumeni uSyabonga Ndlovu. Iqembu Abantu Batho Congress (ABC) belifake incwandi yokungabuthembi ubuholi buka Ndlovu NjengeMeya yaloya mkhandlu. Lencwadi ifakwe ikhansela uMbulelo Phakathi….
KUDUBULANE ABAQAPHI BEZIKHULU ZIKAMASPALA UMHLATHUZE
Kushone abantu ababili esigamekweni sokudubulana okwenzeke eRichards Bay Civic Centre namhlanje (ngoLwesine) ekuseni. Umufi wokuqala kubikwa ukuthi ungunogada weMenenja kaMasipala, uMnuz Nkosenye Zulu kanti omunye unogada odutshulIwe ezitebhisini zaseCivic Centre, ugada uMeya,…