Kube yisikhathi senjabulo kuMsakazi wesiteshi somsakazo esizinze edolobheni eMnambithi iNqubeko FM ngesikhathi egcagcelwa yintokazi yaseLimehill khona eMnambithi.
uMduduzi Buthelezi owenza uhlelo lwasekuseni njalo ngoMgqibelo kusukela ngehora lesithupha ekuseni kuze kube yihora lesishiyagalolunye, ubophe ifindo likasofa silahlane nesinqandamathe sakhe seminyaka uThobeka Ntshingila ngoMgqibelo eZakheni Kwa A.
Lomcimbi obuhanjelwe yizinkumbi zabantu baseMnambithi kade uzinyaziswe nangabanye abasakazi balesi siteshi okubalwa kuso uPerfect Mlotshwa, Makhosi Khoza, Qando Mbatha, Signature Mvelase, DJ Lemmo nabanye abaningi.
Phakathi kweziye izicukuthwane ebezikhona kubalwa nenkosi yesizwe saMantungwa endaweni yaseDriefonteni Inkosi uNhloso Khumalo.
UButhelezi ubonge bonke abamesekile ngesikhathi egcagcelwa uMaNtshingila ikakhulukazi umndeni wakhe, othisha asebenza nabo esikoleni iLimehill High School, abasakazi beNqubeko FM kanye nomphakathi waseZakheni kanye naseLimehill lapho kudabuka khona owakwakhe.