Kushone abantu ababili esigamekweni sokudubulana okwenzeke eRichards Bay Civic Centre namhlanje (ngoLwesine) ekuseni.
Umufi wokuqala kubikwa ukuthi ungunogada weMenenja kaMasipala, uMnuz Nkosenye Zulu kanti omunye unogada odutshulIwe ezitebhisini zaseCivic Centre, ugada uMeya, uXolani Ngwezi. Lonogada wesibili odutshuliwe, okuthiwa nguyena odubule kuqala, ubulawe ngesikhathi ebaleka endaweni yesigameko.
Okwamanje akukacaci ukuthi kwenzekeni kodwa kusolakala ukuthi kube nokuhilizisana phakathi kwalabnogada ababili eCouncil Chambers. Ngokusho kwePhini leMeya yaseMhlathuze, uChristo Botha, bekunomhlangano owandulela uhlahlo lwabiwo-mali lapho zonke izikhulu eziphezulu bezikhona endaweni ebude buduze kwalapho kudutshulwane khona.
“Sonke sisashaqekile ngalesi sigameko esibuhlungu,” kusho uBotha.
Yize inhloso ingaziwa, akukholakala ukuthi yenzeka ngokwepolitiki.
Abasebenzi basamangele bahlangane ngaphandle njengoba amaphoyisa evimbe indawo. I-Civic Centre ivaliwe.