Uyise wengane enonyaka okusolakala ukuthi ibulawe wunina, usazama ukwamukela le nhlekelele.
U-Enerst Tembe, ongowokudabuka eMozambique, osehlala eStanger, ngaphandle kweTheku, uthe ufuna kwenzeke ubulungiswa enganeni yakhe. USeluleko Tembe ononyaka kusolwa ukuthi uklinywe unina omzalayo ngoMsombuluko odlule isidumbu sakhe saphoswa ehlathini eStanger. UTembe utshele abeZiMoja ukuthi ubikelwe ngesigameko unina wengane yakhe naye ongowokudabuka eMozambique. “Saqala ukuthandana sisekhaya eMozambique saza lapha sizofuna amadlelo aluhlaza, ngoJune nyakenye sahlukana wabe esephuma endlini esasihlala kuyo, kwaqala lapho izinkinga zethu, waqala wangitshela ukuthi uzoletha ingane izohlala nami ngamtshela ukuthi akukwazi ukuthi ngihlale nengane njengoba ngihlezi ngisendleleni ngiwumakhi ngimncenge ukuthi ahambise umntwana emumva eMozambique ,” kuchaza uTembe
Kunezwi eliqoshiwe lapho unina wengane echazela uTembe ukuthi ubulale kanjani ingane yabo. “Angazi ukuthi nami ngingenelwe yini. Ngiyavuma ingane ngiyibulale ngokuyiklinya yaze yashone. Kubuhlungu angazi ngizophila kanjani ngaphandle kwengane yami. Ngiyakucela ngixolele angikaze ngiqonde ukumbulala,” esho ekhala.
UTembe uthe ulinde ukuzwa emaphoyiseni mayelana nokuboshwa kwalo mama . Uphinde wathi umama wamtshela ukuthi wabalekela eMozambique ngemuva kwezinsolo zokubulala usana ngoMsombuluko. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko. “Amaphoyisa aKwaDukuza avule icala lokubulala ngemuva kokutholwa kwesidumbu sengane yentombazane, okukholakala ukuthi yayinezinyanga ezilinganiselwa kweziyishumi nambili izelwe, eNjekene River endaweni yaseThembeni ngomhlaka-25 Mashi 2024. Kusolakala ukuthi ingane yaklinywa yashona ngaphambi kokuthi ilahlwe. emfuleni amaphoyisa athungatha unina wengane ongasiza ophenyweni,” usho kanje.