Iphoyisa laseThekwini lizongena enkantolo ngoLwesibili ngecala lokubulala intombi yalo. Owesifazane, obephinde abe yiphoyisa likamasipala, ugwazwe washona efulethini labo elisenkabeni yedolobha ngeSonto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda, uthe kuyacaca ukuthi izithandani zaziphuza ngaleso sikhathi.
Uthe baphenya nezinsolo zokuthi iphoyisa okukhulunywa ngalo lathatha ama-video nezithombe zesisulu, ngemuva kokuhlaselwa.
“Amaphoyisa aseDurban Central abophe umsolwa oneminyaka engu-27 ubudala ngemuva kwezinsolo zokuthi ugwaze intombi yakhe efulethini elikuJoseph Nduli Street ngezikhathi zasekuseni ngeSonto, 31 March 2024.
“Kubikwa ukuthi izithandani beziphuza utshwala ngesikhathi umsolwa egwaza washona. Kubikwa nokuthi umsolwa wathatha ama-video nezithombe zowesifazane ephefumula okokugcina wathumela lezi zinto kubantu abaningi, okuhlanganisa nokuzifaka ezinkundleni zokuxhumana.”