Inhlangano yamatekisi iNational Taxi Alliance ithi ayikasithathi isinqumo sokuthi bazoyinyusa yini imali yokugibela, kulandela ukukhuphuka kukaphethroli ngoLwesithathu.
UMnyango weMineral Resources and Energy uthi uphethiloli uzonyuka ngo-65 cents ilitha ku-93 unleaded no-67 cents ku-95 unleaded phakathi kwamabili ngoLwesibili.
Intengo kadizili izonyuka cishe ngamasenti amathathu ilitha.
Okhulumela i-NTA, uTheo Malele, uthe, “Siyazi kahle ngokunyuka kwamanani entengo kodwa akukaze kube khona ukuxoxisana kwabashayeli bamatekisi ukuze sisho umqondo ongaphakathi embonini, ngaphandle kokuthi sithi kufanele sixhumane nabanikazi bezimoto ukuze sihlanganyele sibhunge ngalesi sici futhi kungaleso sikhathi kuphela esingaphuma sisho lokho.”