Amaphoyisa ase-Ematimatolo acele usizo lokuthungatha u-Amanda Wendy Dladla (21) wase-Eshane, eGreytown. Waduka phakathi kukaMashi 9-11 kanti wagcina ukubonakala ehamba nomngani wakhe, egqoke ibhulukwe elimnyama nesikibha esimpunga.
“Ngokusho kukamngani wakhe egcina ukumbona wayephuzile kanti bebehamba ngemoto yohlobo lweFord emhlophe nabanye belibhekisa endaweni yakwaBhema wangabe esabuya. Umngani wabikela unina ngalolu daba,” kusho okhulumela iSAPS, uCst Siyabonga Nkwanyana.
Kunxuswa ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi athinte uDetective Sergeant Manzini ku-0720400348 noma ku-033 4459332.