Ugcine uhlalile umhlangano womkhandlu waseNdumeni lomhlangano uzokhipha umeya kamaspala wase Ndumeni uSyabonga Ndlovu.
Iqembu Abantu Batho Congress (ABC) belifake incwandi yokungabuthembi ubuholi buka Ndlovu NjengeMeya yaloya mkhandlu. Lencwadi ifakwe ikhansela uMbulelo Phakathi.
kulencwandi ebibhalwe nguPhakathi ibikhala kakhulukazi ngokuthi uNdlovu uyahluleka ukuchaza ukuthi yatshontshwa kanjani imali engu R90 000 kumaspala njengoba kwangena amasela ayishaqa ngaphakathi esisefeni sikamaspala.