Kucelwa umphakathi ukuthi usize ukusindisa impilo ka-Wandiswa oneminyaka engu-11 ubudala, intombazanyana yaKwaZulu-Natal owatholakala ukuthi unesifo somdlavuza ohlasela igazi kanye nomnkantsha owaziwa phecelezi nge-Acute Myeloid Leukemia (AML).
Waqala ukutholakala ene-AML ngoDisemba 2023. Izimpawu zakhe zaqala ngomkhuhlane, ngokusho kukanina, owawungapheli. Ngesikhathi esemyisa emtholampilo, uWandiswa welashelwa umkhuhlane. Akuphelanga amasonto amabili uSenzeni ebona ukuthi indodakazi yakhe iphelelwa ngamandla futhi idonsa kanzima ayisakuthandi nokudla, ngoZibandlela wezi-2023, uWandiswa waphuthunyiswa esibhedlela saseManguzi, kamuva wadluliselwa esibhedlela iQueen Nandi. Kwakusesibhedlela iQueen Nandi lapho atholakala khona ukuthi une-AML.
Esephase ibanga lesi-5, ngethemba lokuthi uzofunda u-grade 6 kulo nyaka, kwadingeka ukuthi unina amhoxise esikoleni ngenxa yempilo yakhe ebintengantenga.
Ngokudabukisayo, u-Wandiswa wayengayemukeli kahle i-Chemotherapy njengoba ehle kakhulu emzimbeni. Ekhumbula ushintsho olukhulu endodakazini yakhe, uSenzeni uthe, “kwaba buhlungu kimi ukubona indodakazi yami inje, futhi iphelelwa yithemba. Manje kufanele ngiqine futhi ngimchazele ukuthi izinto zizolunga, kodwa nami ngingenaso isiqiniseko saloko.”
Ngeshwa, okuwukuphela kwethemba lakhe lokusinda ukufakelwa i-stem cell, futhi okwamanje akekho umuntu osatholakele onohlobo olufana nowakhe lwe-stem cell kulabo abasanikele ukumsiza. Vakashela ku-dkms-africa.org/wandiswa-needs-you ukuze ubhalise, mhlawumbe ungaba ngumsindisi kwawandiswa.
Lolu lwazi luthathwe ekhasini leFacebook lenhlangano elwa nesifo somdlavuza e-Africa i-DKMS Africa.