I-National Freedom Party (NFP) izofaka isikhalo ku-Independent Electoral Commission (IEC), njengoba isola Inkatha Freedom Party (IFP) ngokungaziphathi kahle. NgoMgqibelo iNFP ibinomcimbi wokwethula umqulu wayo wokhetho, lo mcimbi ububanjelwe ePrince Mangosuthu Stadium Olundi….
LIYAQHUBEKA NOKUQOPHA UMLANDO IQEMBU LEMAMELODI SUNDOWNS
Ujabulise okwengane encane umdlali we Mamelodi Sundown Tashreek Matthews ethola ithuba eliyigqayizivela lokuba adlale njengoba elizwa nge ndaba ijezi kuleliqembu selokhu efikile. Izolo usize iqembu lakhe ukuba linqobe njengoba evalele igoli lakhe…
LIGQEMEKE INGOZI IQEMBU LE SEKHUKHUNE UNITED NGAPHAMBI KOMDLALO WABO WANAMUHLA
Sebegqemeke ingozi abe Sekhukhune ngaphambi komdlalo wabo we Dstv-premiership onamuhla Kanye neqembu le Mamelodi Sundown. (Babina Noko) okuyigama le qembu lesiteketiso Sekhukhune lisawubambile umgqigqo omuhle abeza nawo kulonyaka njengoba bengasazi ISIBHAXU kulonyaka….
“UKUPHELA KWELOAD SHEDDING AKUHLANGENE NOKUKHANKASELA UKHETHO” – RAMOKGOPA
UNGQONGQOSHE kagesi uKgosientsho Ramokgopa uyichithile imibiko yokucishwa kukagesi njengethuluzi lokulungiselela ukhetho wanxusa umphakathi ukuthi ugweme umsindo ngokungalaleli abantu abakhuluma into ingekho. Ubalule lokho akubiza ngokuthi, inkambiso enhle ekunciphiseni ukucinywa kukagesi okubangelwa ukulungiswa,…
SEBESEBENZA BEFAKE IZIMFONYO ABASEBENZI BASE KFC EMNAMBITHI NGENXA YEPHUNGA LENDLE
Akusemnandi neze ukuvuka baye emsebenzini abasebenzi base-KFC abeqa indle njalo uma bengena noma bephuma emsebenzini nsuku zonke. Labasebenzi abasebenza esitolo sakwaKFC esikuLyell Street edolobheni eMnambithi. Labasebenzi bathi sekuphele amaviki beqa lendle ethe…
U-SAPS USUQHASHE AMAPHOYISA AMASHA ANGU 10 000
Uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) luthi uhlelo lokuqasha nokukhethwa seluphothuliwe iqoqo lokuqala lamaphoyisa ayi-10 000 onyakeni wezimali wezi-2024/2025. Amaphoyisa ayizinkulungwane ezingamashumi amabili aqeqeshiwe atshalwa eziteshini zamaphoyisa nasemayunithi ukuze kuqiniswe ukusebenza kwamaphoyisa. Iqoqo…
UMQEQESHI WEKAIZER CHIEFS UTHI NAYE KUMPHATHA KABI UKUDLIWA KWEZAKHE
UMQEQESHI weKaizer Chiefs wesikhashana, uCavin Johnson, uthi kube buhlungu ukungashayi kwabo amagoli ngemuva kokuhlulwa okweshumi kule sizini. IChiefs ihlulwe ngo 1-0 yiRichards Bay ngeSonto eKing Zweltihini Stadium okuyishiya isendaweni yeshumi, ngamaphuzu angu-23…
KUBANJWE IZIDAKAMIZWA EZINGABIZA UR15 MILLION ECHWEBENI ERICHARDS BAY
Uphenyo luyaqhubeka ukuze kutholwe umthombo wokuthuthwa kwezidakamizwa zika-R15 million echwebeni laseRichards Bay. Amaphoyisa agasele kulelichweba enyakatho neKZN ngemuva kokulunywa indlebe. OKlebe bathi ngemuva kokuthola imininingwane kwabe sekusungulwa umkhankaso, obuhlanganisa amaphoyisa, izikhulu zophiko…
UZOPHENYWA UMVIKELE WOMPHAKATHI UMASPALA WASENDUMENI NGEZINSOLO ZOKUGWAZISA
UMvikeli woMphakathi kuleli uzophenya udaba lwenkohlakalo kuMasipala wase Ndumeni, eDundee. Kunukwa esinye sezikhulu zakulomaspala ngokuthi sagwaza ngo R600 000 ukuze sithole isikhundla isikhundla esiphezulu. uAdv. Kholeka Gcaleka ongumvikeli womphakathi uqinisekise ukuthi nakanjani…
URAMAPHOSA WETHEMBISE ISALUKAZI SASETHEKWINI UMUZI ENGAKAPHELI AMASONTO AMATHATHU
Isalukazi saseThekwini sitshele uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi yize sesihlanganise iminyaka engu-87 kodwa namanje asinayo indlu egameni laso. URamaphosa ubekhankasa kuleli dolobha ngaphambi kokhetho oluzayo. Uhambele izindawo eziningi okubalwa nesonto elisePinetown…
KUTHIWA NGEZOMGUNYATHI IZIQU ZIKA SELLO MAAKE KANCUBE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande uthi i-Trinity International Bible University enikeze umlingisi uSello Maake kaNcube iziqu zobudokotela ayibhalisiwe ngakho ayinalo igunya lokunikeza iziqu. NgoMgqibelo, uMaake kaNcube ufake inqwaba yezithombe ecaphuna ivesi leBhayibheli…
UMONGAMELI WE-ESPERANCE UTHI INTEKENTEKE KAKHULU ISUNDOWNS
Umongameli weqembu lebhola lase Tunisia okuyi Esperance de Tunis uMnu Hamdi Meddeb usendlulise esikhulu isicelo lesi esibhekise kubadlali bakhe ngaphambi komdlalo omkhulu wanamuhla we caf champion league Semi final. Ngemva kokuba leli…