UMvikeli woMphakathi kuleli uzophenya udaba lwenkohlakalo kuMasipala wase Ndumeni, eDundee. Kunukwa esinye sezikhulu zakulomaspala ngokuthi sagwaza ngo R600 000 ukuze sithole isikhundla isikhundla esiphezulu.
uAdv. Kholeka Gcaleka ongumvikeli womphakathi uqinisekise ukuthi nakanjani uphenyo seluyaqala ngalolu daba.
Umthombo owazi kahle udaba uthi kunomuntu obike udaba kuMvikeli woMphakathi wacela ukuthi igama lakhe ligodlwe.
Umbhali wencwadi uzwakala enxusa uMvikeli woMphakathi ukuthi angene agamanxe Endumeni aphenye ngoba kunesikhulu esagwaza ukuze sithole isikhundla esiphezulu kumasipala.
Kuvela ukuthi kukhona nobufakazi balokhu. Phezu kwalokho kuthiwa isikhulu kukhona lapho esingaphathanga kahle khona imali yomphakathi kodwa kwathuleka nje.
“Ngamaphuzu esengiwabalile ngicela uMvikeli woMphakthi aphenye kabanzi ngalezi zinsolo, abambisane nezinye izinhlaka zoMbuso uma enza lo msebenzi,’’ kuchaza incwadi.
UMvikeli woMphakathi u-Advocate Kholeka Gcaleka ubhalele umuntu ofake isikhalo emazisa ukuthi uyitholile incwadi futhi usejube uphenyo ngalolu daba.
“Ngibhala maqondana nencwadi yakho ka-Ephreli 9, 2024. Ngiwatholile onke amaphepha owathumelile futhi ngiyaqinisekisa ukuthi ngigunyaze uphenyo maqondana nesikhalo.
“Sizokuthinta maduze zfuthi uhlale wazi ukuthi uvikelekile,’’ kusho uMvikeli woMphakathi encwadini esayiniwe.
Umthombo uthe lolu daba lutatazelisa izikhulu kangangokuthi zinqume ukuthi kube nomhlangano womkhandlu ophuthumayo ngoMsombuluko lubekwe ezithebeni.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela umaspala awuzange uphefumule ngalolundaba.