Sebegqemeke ingozi abe Sekhukhune ngaphambi komdlalo wabo we Dstv-premiership onamuhla Kanye neqembu le Mamelodi Sundown.
(Babina Noko) okuyigama le qembu lesiteketiso Sekhukhune lisawubambile umgqigqo omuhle abeza nawo kulonyaka njengoba bengasazi ISIBHAXU kulonyaka.
Kulonyaka Ka 2024 sebedlale imidlalo eyisishiyangalolunye (9) banqoba eyisithupha (6) base bedlala ngokulingana Ka thathu (3).kumanje bahleli endaweni yesine (4) kwi log ye Dstv-premiership ngama phuzu (39) ngemva kwe midlalo 24 asebeyidlalile.
Umdlalo wabo Wokugcina bashaye Cape Town Spurs 1-0. Kanti Ukaputeni weqembu Linda Mntambo Kanye no mqeqeshi wakhe bazihlomulele nge miklomelo yanyangazonke njengomqeqeshi Kanye no mdlali ohambe phambili ngenyanga Feb /Mar kwi Dstv-premiership.
Ngenkathi bematasa bezilungiselela Ukudlala lomdlalo ne Sundowns, Umqeqeshi we Sekhukhune u (Seema) ukuvezile ukuthi umdlali obolekwe kwi Sundown(Katlego Mohamme) angeke akwazi Ukudlala namuhla ngenxa yemigomo nemibandela okwabekelwana yona ngenkathi kubolekiswana nalomdlali.
Uthe baphoqeleka emasontweni amabili /amathathu endlule ukuthi benze izingunquko zase muva njengoba bese besebenzisa Daniel Cardoso emumva endaweni yakhe uMohamme ukuze belungiselele lesi simo abazobhekana Naso namuhla.
Mohamme ubevele ethwele kanzima ku Sundown njengoba ijezi elibanga nabadlali abafana no Grant kekane, Mothobi Mvala, Mosa Lebusa Kanye no Abdelmounaim Boutouit
Kanti Mohamme selokhu efikile kuleliqembu ngo Masingana wakulonyaka usadlale imidlalo emihlanu nje vo.
Njengoba ezobe engekho uMohamme u Seema ubukeka ezosebenzisa Tresor Yamba Kanye naye Daniel Cardoso okuba yibona izitobha zosuku.
Umbuzo omkhulu othi ingabe bayokwazi ngempela yini ukubavimba Abafana be Sundown nabo abaziqhugelayo njengoba bezibuyela endukwini yase Tunisia kowe Caf Champion league. Sundown ishaywe ngo 1-0 kuloyo mdlalo, kanti bazofuna ukusheshe baqede nge midlalo ye Dstv-premiership njengoba bezofuna ukuvula igebe phakathi kwabo ne Stellenbosch njengoba besavule igebe lika 10 wamaphuzu. Sundown inamaphuzu 53 ngemva kwemidlalo 21
Owanamuhla umdlalo uzoqala ligamenxe elesikhombisa 19:30