UNGQONGQOSHE kagesi uKgosientsho Ramokgopa uyichithile imibiko yokucishwa kukagesi njengethuluzi lokulungiselela ukhetho wanxusa umphakathi ukuthi ugweme umsindo ngokungalaleli abantu abakhuluma into ingekho.
Ubalule lokho akubiza ngokuthi, inkambiso enhle ekunciphiseni ukucinywa kukagesi okubangelwa ukulungiswa, okuvuselelekayo, amandla okukhiqiza aqhubekayo kanye nogesi owanele ogciniwe.
INingizimu Afrika isinezinuku ezingu-26 ngaphandle kokucinywa kukagesi kanti uNgqongqoshe Wezogesi usenxuse amaqembu ezepolitiki ukuthi ayeke ukusebenzisa ukucima kukagesi ukuze athole amaphuzu.
“Kukhona abasebenzisa ukungacinywa kukagesi njengethuluzi lokuheha amavoti, batshela abantu ukuthi ugesi ukhona ngoba nakhu kuyiwa okhethweni, akulona iqiniso lelo.”