Akusemnandi neze ukuvuka baye emsebenzini abasebenzi base-KFC abeqa indle njalo uma bengena noma bephuma emsebenzini nsuku zonke.
Labasebenzi abasebenza esitolo sakwaKFC esikuLyell Street edolobheni eMnambithi. Labasebenzi bathi sekuphele amaviki beqa lendle ethe chithi saka phambi kwalendawo yokudlela. Omuye walaba basebenzi uthi abanye ozakwabo sebencamela ukusebenza befake izimfonyo ngenxa yephunga elithaphuka kulendawo.
Ukulungiswa kwalomgwaqo kudale ukuthi kuthinteke elinye lamapayipi athwala indle elihamba phambi kwaso lesi sitolo okudale ukuthi indle ikhande idamu emgwaqeni, ikakhulukazi maqondana nomnyango wakulesi sitolo.
Imizamo yokuthola umaspala ukuze aphawule ngaloludaba iphunzile.